19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kanye nezilo zasendle eziyingozi ngokwesabekayo. Ziyathoba, azibulale, asike

izikhumba zazo enze iminqwambo ngazo.

UMsimang, (1975:314) uthi:

Kokunye idlozi lizofuna inhlwathi yamanzi

okuzothi lapho libuya nayo ithwasa isiphindene

kulo ernzimbeni, ilokhu inyibilika kancane, bese

bebhoboka abalozi besho ukuthi ithwasa

belithunywe yibo ukulanda isilwane leso,

bachaze futhi ukuthi kufuneka sisetshenziswe

kanjani. Sebezode bekhuluma abalozi liqale

lingezwa ithwasa Uyise alithele imithi

ezindlebeni lilokhu lifunda njalo lize likwazi

ukuhumusha noma yimuphi umlozi ongase

ushaywe. Njalo lapho amakhosi ekhuluma

ithwasa lithi: 'Makhosi!'

Ithwasa lithunywa yibo abalozi ukuba liyofuna inhlwathi yamanzi. Ngamandlla

amangalisayo ithwasa libuya nenhlwathi ezithandele kulo. Ngaso leso sikhathi

kuba sekuqhuma abalozi. Umngoma uqale angabezwa abalozi uma bekhuluma

kodwa uyise isangoma esithwasisayo side simthela umuthi ezindlebeni uthwasa,

kuye ngokuya akwazi ukubezwa abalozi.

UNkosi, (2007) uthi:

Yibo abasekhaya bayakhuluma phezulu

ezintingweni. Bambiza ngegama umuntu.

Basuke bephaphile laba abakhuluma umuntu

azizwele.

Uma abantu bezobhula kumlozi ababhulelwa isangoma kodwa kukhuluma bona

phezulu ezintingweni. Bababiza ngamagama laba abazobhula. Laba abakhuluma

zonke izindaba bebiza abantu ngamagama kuyaye kuthiwe baphaphile. Kuthiwa

baphaphile ngoba baphezulu abadingi kuchazwa bakhuluma kuzwakale kanti

ngokuvama bayahunyushwa. Kokunye bakhulume inkulumo engezwakali,

101

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!