19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

umangothobana ayihumushe. Uma bemcasukela umthakathi ephakathi kwalaba

abazobhula, bavele bamthelekele ngamatshe angaziwa ukuthi avelaphi futhi

ashaya yena yedwa. Bamshaya njalo bayamthethisa ngesenzo sakhe esibi

asenzileyo.

UMthembu, (2007) ubeka kanje:

Owami umlozi akaphakanyiswanga kodwa

bekuthi ngizihIalele ngizwe umuntu eshaya

ikhwela engixoxela izindaba. Abantu

basentabeni laba. Bayacaca uma umngoma

ezodla igobongo lasentabeni axhumane nabo.

Bayakutshela ukuthi yimba muthi muni,

uwenzeni. Bakhuluma baqonde kodwa umuntu

ongalidlile igobongo labo akabezwa, uzwa

beshwashwatha.

Banamagobongo abaphakamisayo okudinga aphuzwe yilowo abamngene ukuze

baphakame. Nabo njengedlozi bakuthuma entabeni, bakutshele ukuthi yimba

umuthi othile uma ufuna ukuthaka ubulawu obumhlophe babalozi. Umuntu

angaba yisangoma kodwa abalozi bafuna awabo amagobongo.

USibiya, (2007) uthi:

Uma sebefikile abalozi bayamtshengisa lowo

abamdumbile ukuthi akaye kuphi, akahayizi

kodwa uphuma kahle eqondile ahambe, uyothi

uma efika lapho akhonjiswe khona, uyofika

ababikele ukuthi akalande igobongo lomlozi.

Uyabuzwa isangoma ukuthi uzweni asho-ke naye

lokho akuzwile. lsangoma esinabalozi

sesizomphehlela igobongo labalozi, aphuze

aphalaze. Umlozi-ke uzosho ukuthi uzofika nini

ukuze ahlinzekwe ngotshwala nangembuzi

emhlophe. Kumenywa izangoma ukuba zizogida

ngalolo lusuku. Bayothi bengazelele baqhume

abalozi bayozwa ngenhlokomo yamakhwela,

usho ukuthi bangamabutho amangaki. Uma

eseqedile uyagoduka ubuyele ekhaya,

102

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!