19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

uphelekezelwa yizangoma, kufike kubulawe

imbuzi. Uma kukhona abazobhula sekukhuluma

abalozi bamtshela ukuthi lowo muntu ogulayo

angalashwa ngamuthi muni noma lokho

okuyinkinga yakhe lowo muntu kungaxazululwa

kanjani. Uma kuyinto elahlekile, ikuphi,

ingatholakala kuphi kanjani.

Abalozi bayasho ukuthi bayofika nini uma ebuyela ekhaya lowo okade ethwasa

ukubhula ngabalozi. Lokhu kumnika isithuba esihle umngoma sokuba

abahlinzeke abalozi. Bahlinzekwa ngembuzi emhlophe notshwala. Uma

sebelushilo usuku abalozi kube sekumenywa izangoma ukuba zizosina zidle

inyama ziphuze notshwala.

Abalozi banuka abathakathi bebabiza ngamagama, babuye banuke nenyanga

engelapha isiguli esize kubo. Abalozi bayithemba elikhulu lamazulu. Bayakwazi

ukukhomba izimpahla ezilahlekile bezisho nokuthi zikuphi. Abalozi abahlali

ndawonye, bayahamba babuye. Bayazi futhi uma kuzofika umuntu ozofuna

usizo. Bafika ngenhlokomo yomsindo namakhwela.

5.2.3 Vmhlahlo

Umhlahlo umbhulo ongaphezu kweminye. Umhlahlo umenywa ngezizathu

ezinkulu abantu bexabene, abantu befile, kungaqondakali ukuthi ubani

umthakathi. Umhlahlo uphathwa umangothobana osebenzisa abalozi. Lesi

sangoma sidedela amathwasa aso ukuba ayophumputha indlela, lapho abazobhula

sebengenile esibayeni. Amathwasa abhula ngalinye ngalinye aze aphele nokho

asuke egangada umthakathi. lsangoma esikhulu siyafika sithi ukubhulabhula bese

sibaholela endlini yabalozi, sivala umnyango ngedidwa, uqale umsebenzi abalozi,

bazombiza ngegama umthakathi futhi bambalele nezizathu nokusuka nokuhlala

kwesenzo sakhe. Uma kuya ngokuthi uyaphika, kwehla imvula yamatshe

ezintingweni, imshaye lowo onukiwe.

103

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!