19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

isangoma. Uma sesibhemile siwuchitha siwuthuntuthele phansi oseleyo,

sibhemisa amathongo.

UMsimang, (1975; 308) ufakaza uthi ngobulawu;

Ubulawu bamaziko nobamathwasa ngamathwasa

buye buyehlukana; kepha zonke izinkomba

zivame ukuba zifakwe umuthi wenhlanhla,

ubani, ubhubhubhu, umadlozana noqhumo.

Imvama idlozi libhoboka ebusuku noma kungemgomo nokho lokho nasemini

idlozi liyabhoboka. Idlozi libhoboka noma ngabe umuntu usegule isikhathi eside

eselubhaca kodwa mhla libhoboka uvuka phansi abe nawo namandla

okuzihambela aze ayofika kumngoma othwasisayo. Lokhu kubhoboka kusho

ukuqhuma kwedlozi ngokuhayiza okuxubene nokugijima futhi eboniswa yilo

idlozi lapho kufanele aye khona. Uthi angafika kulo muzi, ahlangatshezwe

amanye amathwasa, uyahlahelela, uyasina. Uyise wamathwasa yena uyabika

emsamo ngokushisa impepho ukufika kwaleli thwasa, abuye alungise ubulawu

obuzophuzwa yithwasa elisha ngoba lisuke lisangene, bayaliyeka baze behle

abaphansi, lihleleke kube yima belibuza ukuthi lingelaphi uma belingahambisani

namuntu ozolichaza. Ayiminingi imithi yamathwasa, kuba yibo ubulawu kanye

nemithi yokuncinda, eyokugeza nokuphalaza.

UMsimang, (1975: 306) ufakaza ngokubhoboka kwedlozi uthi;

Ukubhoboka kwedlozi ilokhu ukuba kuthi khona

ebusuku njalo lona ogulayo ezwakale esesina

yedwa. Usina njalo uyahayiza kokunye

uyabhonga. Abakubo sebezoqonda-ke ukuthi

uguliswa yidlozi.

Kuba yizinsukwana nje ithwasa lifikile bese kuqala ukuxhumana phakathi

kwesangoma esithwasisayo nabakubo kwethwasa. Kulokhu kuxhumana kusuke

kukhulunywa nangenkokhelo yokuvula izikhwama, ugxa.

120

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!