ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
ngendlela ebhanyiswa ngayo Ie mimoya uma isimngenile umuntu. Kucwaningwe

nangemithi yamagobongo obulawu nangendlela ethakwa ngabo.

Kukulo lolu cwaningo lapho kutholakale nokuthi ngisho isangoma esidala

esangenwa umoya wabaphansi siyaphinda singenwe idlozi labalozi, idlozi

elinamandla, umoya ozikhulumela wona ngokwawo uma kunamafindo adinga

ukuqaqwa. Ucwaningo luthole ukuthi amanye amafindo awemindeni kanti

amanye awesizwe sonkana. Yizo lezi zangoma omangothobana abayithemba

lesizwe uma izinto zonakele.

Le mimoya futhi iyahlonishwa kodwa ayingeni wonke umuntu. Imimoya engena

umuntu ngokuzalana kulowo mndeni owawunesangoma kuphinde kuvele esinye.

Lolu cwaningo luveza ukuthi uma lowo ongenwe yidlozi enzelwe yonke imicimbi

efaneleyo, idlozi liyakhanya, imihlahlo yakhe icace. Ucwaningo luveza ubufakazi

bokuthi uma ithwasa liliphathe kahle ithongo lalo nalo ithongo liliphatha kahle

ithwasa.

Kukulo lolu cwaningo lapho kuvele khona ukuthi isangoma asidli konke ukudla

kodwa siyakukhetha ngoba okunye kokudla okudliwa ngabantu nje kungukufa

esangomeni. Ucwaningo luthole ukuthi isangoma nethwasa asiyidli ingulube

ngoba ayizwani nedlozi. Uma isangoma sithinte ingulube, sidinga ukuba sigeze

ngobulawu, sisuse lawo mashwa. Izangoma namathwasa awayidli inhlanzi ngoba

ibushelelezi idlozi liyoshelela. Lolu cwaningo luveze nokuthi ithwasa

elingakaphothulwa alivunyelwe ukuya elawini, idlozi liyaphupha, lingaphumeleli

ekubhuleni kwalo.

Kulolu cwaningo kuvele nokuthi uma kubulawa imbuzi noma inkomo eqondene

nemisebenzi yesangoma, kunakwa kakhulu igazi, inyongo, isinye nesikhumba.

Ucwaningo luthole ukuthi imimoya yabangasekho ihlala egazini lesangoma,

amadlozi adla kuye futhi aphuza kuye, ngokunjalo ahhema kuye. Uma kubulawa

isilwane, kugcizelelwa ukuba ithwasa liliphuze igazi lesilwane lisashisa ngoba

125