ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
kathwasa nabo behla nembuzi bazokhuluma nabo bebonga inhlanhla ingane yabo

esibuya nayo.

4.4 Ukukhishwa kwethwasa

Sithi singafika isikhathi lapho sekuhwalele, zonke izaogoma zingene esibayeni.

Ubaba wethwasa athethe idlozi esibayeni acelele uthwasa izinhlanhla

nokusebenza okunempumelelo. Ngalesi sikhathi ithwasa selivunule liphelele

ngemvunulo yezaogoma, liphothwe umyeko, owenzelwe ngobuhlalu obumhlophe

nobubomvu. Uvunule ngezikhumba, iminqwambo, ekhanda uthwele izinyongo

nezinye zezimbuzi akade ehlatshelwa zona Esandleni uphethe umkhonto kanye .

nehawu. Emaqakaleni ufake iziphandla kanye nemifece.

Esibayeni kuyahutshwa amahubo ezaogoma sekunenhlokomo enkulu, kushaywa

ihlombe kokunye kushaywa nezigubhu. Azisasini izaogoma sekusiphuka udaka.

Uyazihola uyise ziyaphuma ziya kubo kathwasa, zizofika kuhwalala uma

kuseduze noma ebusuku uma kuyibanga elide. Lesi sangoma esikhishwayo sihlala

njalo siseduze kukayise.

USibiya, (2007) ubeka kanje:

Uma ithwasa selizophuma liphotha imiyeko.

Uyise walo umema izangoma, nguye ogaya

utshwala basesigodlweni. Nguye futhi uyise

obamba ithwasa ngengalo angene nalo esibayeni,

kuhutshwa ihubo lezaogoma laleli ziko, ihubo

elihutshwa njalo uma kukhishwa ithwasa lalelo

ziko. Uma sebengene esibayeni nguye uyise

obikela abaphansi ukuthi uthwasa useyahamba

baze bazikhanyise izindlela zakbe,

bawuchumise umsebenzi wakhe wokubhula, Lo

mcimbi wenziwa kuhwalala,

Onke amaziko anamahubo awo njengayo imindeni nayo inamahubo ayo.

Lisemqoka ihubo leziko ngoba yilona okuxhunyanwa ngalo nabaphansi balelo

77