19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UKrige, (1936:302) ubeka kanje:

The spirit speaks in different voices some like a

little child,. other in deeper tones, and they

sometimes address the inquirers themselves and

even say whose spirits they are.

Abalozi bakhuluma ngamazwi ahlukene amanye

anjengawezingane, amanye abhongayo, kokunye

bayazikhulumela nabazobhula basho nokuthi

bangumoya kabani.

Abalozi bawuhlobo oluthuthukile kakhulu lokubhula, Imimoya yabalozi

iyakhuluma ayikhulumi emfihlakalweni kodwa bakhuluma obala. Abalozi bahlala

ezintingweni bakhuluma ngamazwi ahlukeneyo, abanye bakhuluma ngemilozi

kokunye echazwa yiso isangoma, Laba abakhuluma kuzwakale kuthiwa

baphaphile. Uma bebhula bona bambiza ngegama umthakathi.

UMsimang, (1975:313) uthi:

Ubulozi nabo buyethwaselwa, kepha kwethwasa

umuntu obesevele engumngoma, Phela kuningi

ukuthwasa okuvela umuntu esakhishwa

esebhulela abantu. Omunye uyaye aphuphe

ebona abantu abaningi emanzini kanti kufuneka

ayokwethwasa emanzini.

Leli idlozi lasemanzini idlozi elikhulu. Leli dlozi ulithola esevele eyisangoma,

lolu hlobo lokwethwasa olwezinga elingenhla, Idlozi limthuma ezizibeni zemifula

lapho kuhlala khona izinyandezulu, izinyoka zamanzi. Uya emanzini angene

esizibeni mhla ephuma, uphuma esecake ngomcako omhlophe. Uphuma

eyiphethe inyoka Le nyoka isuke isithonywe abaphansi. Ufika nayo ekhaya

ayibulale, ayihlinze, ngesikhumba sayo enze iminqwambo neziphandla. Ube

eseqala umgonqo wakhe esizwa nguyise isangoma esithwasisayo. lsangoma

esethwasisa umlozi naso sisuke sinabalozi.

99

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!