26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

izimelamsindo ukwakha amagama. Ngakolunye uhlangothi, i-analytial method ifundisa

umsindo njengengxenye yegama eliphelele. Isibonelo umsindo u-‘g’ umsindo kagogo.

Abantwana bafunda amagama amasha ngesikhathi kufundwa lo msindo omusha. Nakuba

lezi zindlela ezimbili zehlukana, umphumela uyafana ngoba ekugcineni ingane ifunda

amakhono okwakha amagama ngokusebenzisa izinhlamvu noma iqoqwana lezinhlamvu.

Lapho le ndlela isetshenziswa kahle, abantwana bayakwazi ukuzifundela ngokuzimela.

UJoubert nabanye (2008, p. 9) bathi le ndlela ihambisana nokusetshenziswa kwamasu

athile anjengalana alandelayo:

� ukunamathelisa umsindo egameni elithile, njengokuthi nje umsindo u’d’ umsindo

wedada.

� Ukubhala izinhlamvu zemisindo ukwakha igama emoyeni, phezu kwetafula,

emhlane womunye umfundi, ozoqagela ukuthi igama lelo elibhalwa emhlane

wakhe lithini.

� Ukusetshenziswa kwezithombe ukukhombisa amagama athile.

� Ukusebenzisa amagama asikiwe (flash cards) ukuzivoca ekuwabhaleni.

� Ukusebenzisa igama ezimweni ezahlukene.

� Ukuphindaphinda igama.

UJordaan (1991, p. 282) ugcizelela ukuthi abacwaningi abaningi bemfundo

bayavumelana ngokuthi le ndlela isemqoka ezilimini ezincike kakhulu empimisweni

njengesiBhunu, isiZulu, isiXhosa, isiSuthu, kanye nesiPedi, kodwa ingaholela ekufundeni

ngokubala amagama njengoba kulukhuni ukuhlukana nomkhuba wokuphimisa igama

negama kulezi zilimi (p. 90). Nangale kwalokho, abanye abafundi bangathwala kanzima

ekuhlanganiseni imisindo ukuba ibe ngamagama. Abantwana bangagcizelela kakhulu

ekubizeni amagama ngendlela eyiyona ngendlela yokuthi kuze kulahleke okuyiyona nto

esemqoka; ukuqondisisa umusho kumbe isigaba. Ngaphandle kwalokhu, eminye

yemitheshwana yokusebenzisa le ndlela ingadala ukudideka kubantwana (Joubert et al,

2008, p.90).

71

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!