26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

T: Ehhene izingubo zokulala, noma isiphuku ngoba sona sifudumele, ikakhulukazi uma

kumakhaza. Kuba makhaza ikakhulukazi ebusika.

Kule nkulumompendulwano engenhla, kuvela ukuthi uthisha wayefundisa amagama

abafundi okwakufanele bawazi. Isizathu kwakungukuthi babezohlangana nawo endabeni

eyayizofundwa. Kodwa-ke, nakuba abafundi bakhombisa ukungabi nalo ulwazi

ngamanye ala magama, njengamagama athi isiphuku, umyeni, indodakazi; uthisha

akazange achithe isikhathi ngokubachazela ngala magama, kodwa wavele ‘wabatshela’

nje ngawo, wanikeza izincazelo zawo, akangenza isiqiniseko sokuthi izingane

ziyawaqonda futhi zingawasebenzisa kanjani zona ngokwazo. Ingxoxo yaqhubeka,

uthisha echaza ngalinye kula magama. Lapho bewafunda, wayebakhuthaza ukuthi

bawafunde ngokunensa, bawaphindaphinde ukuze imisindo yonke esegameni negama

abafundi bayiphimise kahle futhi bakwazi ukuyibona. Uthisha wayewabhale

emaphepheni asikiwe amagama ayefuna ukuba abafundi bawazi. Nanka lawo magama:

Fig. 24 Amagama ayefundwa, echazwa ekilasini

Indoda, indodakazi, indodana, umkhwenyana, umndeni,

ingane, obhasikidi, ubuhlalu, isiphuku, izimbiza, imigexo,

umyeni, izingubo, ubusuku, obubandayo, umakoti,

bantshontsha, batshelana, basebusika, siyagodola

Okusemqoka okuqaphelekayo ukuthi uthisha ufundisa izincazelo zamagama ngaphambi

kokuthi indaba ifundwe. Lolu lwazi lwezincazelo zamagama lwaluzosiza ukuze izingane

zithi lapho zihlangana nawo la magama endabeni ezazizoyifunda zibe seziwaqonda

ukuthi asho ukuthini. Ukwazi amagama amaningi kwenyusa isivinini sokufunda kanye

nokuqondisisa umbhalo (DoE, 2008, p. 16). Okunye okuqaphelekayo ukuthi uthisha

ukhuthaza abafundi ukuthi babale amagama uma befunda, ngenhloso yokugcizelela

impimiso yamagama. Lokhu akuhambisani nokuchazwa abacwaningi abaningi

bokufunda okubhaliwe, abachaza ukuthi ukufundwa kolwazimagama kumele kwenzeke

ngesikhathi umbhalo ofundwayo ufundwa, hhayi ngaphambi kokuba uqale ukufundwa

251

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!