26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

oluzobheka izindlela zokufundisa okubhaliwe emabangeni aphansi. Lokhu kungasho

ukuthi kungancomeka ukuba kwenziwe ucwaningo olungaba yi-action research, lapho

umcwaningi engenza imizamo engaba wusizo ekulekeleleni othisha ngokufundisa

ukufunda okubhaliwe olimini lwasekhaya emabangeni aphansi. Lokhu kungaba lusizo

lapho isiZulu silulimi lwasekhaya kothisha nabafundi. Lokhu kungasho ukuthi

umcwaningi kumele achithe isikhathi esiningi ezikoleni, ezama ukulekelela othisha,

abheke ukuthi imizamo yakhe iyawuveza yini umehluko, aphindaphinde ukuhlela

kabusha njalo nje lapho ekade ezama ukuhlola indlela entsha yokufundisa ukuthi

iyasebenza yini, aphinde akubukeze, kuze kube imiphumela isiyabonakala ivuna izithelo

ezinhle kothisha nakubafundi. Okubalulekile ukuthi lolo cwaningo kube oluzohlomulisa

othisha ngezindlela zokufundisa, kuphinde kubhekwe ukuthi okufundiswayo kunayo yini

injongo yokufunda okubhaliwe ngokuqondisisa kubafundi, ukuze bakhule ekufundeni

okubhaliwe. Nokho-ke umcwaningi kungadingeka abe nokuxhumana noMnyango

WezeMfundo ukuze angabe esenza okuphambene nezinhloso nezidi ngo zawo, njengoba

kungaba nemigomo elandelwayo.

Ngale kwalolu cwaningo oluchazwe ngenhla olungenziwa, okunye okungancomeka

ukuba kube nocwaningo lokuhlola (survey study) imizwa nemibono abanayo othisha

mayelana nolimi lwesiZulu, kanye nemithelela yakho. Lokhu kungasho ukuthi kube

lucwaningo olukhulu, olungathatha isibalo esithe xaxa sothisha ukuba babe yingxenye

yocwaningo, inani lezikole ezibambe iqhaza lande. Imiphumela yocwaningo ingaveza

isithombe sokuthi ingaphi imizwa nemibono yothisha abaningi mayelana nokufundisa

ukufunda olimini lwasekhaya lwesiZulu, futhi kufanele kwenziwe njani ngakho.

9.4.2 IZIPHAKAMISO EZIQONDENE NOMNYANGO WEZEMFUNDO KANYE

NENQUBOMGOMO YOLIMI YEZWE LASENINGIZIMU AFRIKA

9.4.2.1 IZIPHAKAMISO EZIQONDENE NOMNYANGO WEZEMFUNDO YAMABANGA

APHANSI

Kungaba kuhle lapho uMnyango WezeMfundo ungalekelela othisha ekutheni baqonde

ukuthi ezinye izinto ziba zinhle, zibe wusizo ngesikhathi esithile, kodwa ukuhamba

308

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!