26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

yokuthi bona basuke bezazi kangcono izingane zabo kunababhali bezincwadi, njengoba

ababhali bengazi ukuthi lezo zindaba zisuke zizofundwa ngubani, njalonjalo, okuyizinto

ezinomthelela ekufundeni kwengane lapho ifunda okubhaliwe.

5.2.2.3 UKUSETSHENZISWA KWAMASHADI, AMAGAMA KANYE NEMISHO ESIKIWE

Othisha bathi basebenzisa amashadi, amagama kanye nemisho esikiwe uma befundisa

abafundi ukufunda okubhaliwe. Baveza ukuthi amashadi anemibala egqamile abalulekile

kanti futhi bayawasebenzisa lapho befundisa ukufunda okubhaliwe ngoba abantwana

bayayithanda into enemibala. Ngokwejwayelekile, kuba yishadi eliluhlaza

okwesibhakabhaka noma okotshani, eli-pink noma eliphuzi. Ngokusho kothisha, abafundi

bayaheheka lapho imibala okubhalwe ngayo kungumbala obomvu, oluhlaza okotshani

noma okwesibhakabhaka. Umbala omnyama nawo bayawusebenzisa nale mibala

ukwenza umehluko kulokho uthisha asuke efuna ukuba abafundi bagxile kukho ngoba

nawo ugqama kahle emashadini. Okunye abathi bayakwenza nabakubona kubalulekile

ukuba ishadi kumele libhalwe kahle ngesandla esihle futhi ngobunono. Lokhu kusiza

ekutheni uthisha abe yisibonelo ekutheni ingane ibhale ngobunono ngenxa yokuthi

ibukela kuye. Isibonelo, uZanele uchaza kanje:

NgoMsombuluko si-introjusa umsindo omusha. Uma siwu-introjusa uthisha

ulungiselela kahle isifundo sakhe ngokuthi athole ishadi nezithombe

ezizohambisana nalowo msindo. Uma ukwazi ukudweba uyadweba futhi

naseshadini…ngeke uthi uneshadi elilodwa, angaba noma mangaki, uma nje

ezokwazi ukucacisa lokhu ofuna abantwana bakwazi. Uma uwu introjusa

umsindo, usebenzisa isithombe...

Amagama asikiwe othisha baye bawenze ngamaphepha amashadi aqinile futhi abhalwe

ngemibala egqamile. Kanjalo nemisho esikiwe bayaye bayibhale kahle ngobunono futhi

ihambelane nomsindo lowo odingidwa ngalelo viki. Uthisha uMbali lapho ecashunwa

uchaza kanje:

...then ngoLwesithathu sibhala ama-sentences. Lawo ma-sentence esiwenzayo

siyawaqedela ngegama elifanele, eg. Umama upheka i----bishi, uNana u--bhula

ingubo yakhe, njalonjalo. NgoLwesine sesiyafunda-ke. Yilapho siqala

khona ke ukufunda imisho, njengoba kade sisebenzisa ama-flash cards

namasentence strips, ngoba you prepare before wenze ama-flash cards nama -

sentence strips.

167

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!