26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Njengoba ucwaningo oluningi luveza ukuthi ukufundisa umbhalo okuyimpumelelo

kumele kuhambisane nokubhala; njengoba kuke kwachazwa esahlukweni sesibili,

kwavela ukuthi othisha bathi bayakwenza lokhu. Isibonelo, bangagcwalisa imisho

ngamagama athile, babhale isibizelo, babhale imisho uma bekade befunda ngomsindo

othile ukuze uthisha abone ukuthi sebeyawazi yini umsindo lowo ukuwubona nokuthi

ubhalwa kanjani.

Njengoba nocwaningo luveza, kubalulekile ukuthi abantwana babhaliswe isibizelo kanye

nendatshana lapho bekuleli zinga lokukhula (Commeyras, 2009, Joubert et al, 2008).

Isizathu ukuthi abantwana basuke bengakabi sezingeni lokuhlaziya umbhalo,

okuhlanganisa nokukhipha izindikimba, ukuhlaziya abalingiswa, ukuhlela indaba

ngezigaba, njalonjalo, okungenziwa ngabafundi asebethe xaxa. Nokho-ke, nakuba

imisindo nesibizelo kubalulekile, lokhu akusho ukuthi abantwana kumele bafundiswe

khona kodwa, bangavezelwa ulimi nokusebenza kwalo ngokwasemphakathini, njengoba

imisindo namagama ayingxenye yolimi olukhulunywayo, ngakho lapho kusebenze

olimini olwejwayelekile abafundi bangazuza amakhono amaningi olimi. Uthisha uMbali

uchaza kanje:

Angithi ngesikhathi elifunda igama, eliphimisa, uyazifunda izinhlamvu

kufanele-ke futhi lezi zinhlamvu aphinde akwazi ukuzibhala phansi. Uma

esebhala yilapho ezibonakalisa khona-ke ukuthi uzwile. Kufanele akwazi

ukufunda izinhlamvu bese ekwazi futhi ukubhala phansi lolo hlamvu akade

elufunda ukuze kubonakale ukuthi ngempela useyakwazi futhi nokulirecogniser

nalapho selisetshenziswe egameni. Ngeke ugcine ufundise

ukufunda bese bengabhali. Sometimes ubenzela indaba, uyenze ibe nalo

msindo okade bewufunda. Kufanele bakwazi ukuwubona lo msindo uma

ususebenze endabeni. Ngaleyo ndlela uyakwazi ukubona ngoba useyakwazi

ukubhala naphansi ngoba phela uma ebhala, lokho akubhalayo uyakufunda

yena uqobo, ebheka nokuthi ukubhale ngakho yini. Ngakho nje ukufunda

nokubhala awukwazi ukudweba umugqa kukho kokubili ngoba

kuyahambisana. Ukuze futhi ubone ukuthi ufunde ngempela, ungathi kuleyo

ndaba abakade beyifunda uthi ababhale amagama analo msindo, awabhale

ngokulandelana kwawo njengokuqhamuka kwawo endabeni, abone ukuthi

yiliphi eliqhamuke kuqala kunelinye. Ake ngithi nje uma efunda ngomsindo

ka ng, indaba iqala ngokuthi ingangamela yengwenya yebhasi ithwala abantu

bakwaNongoma...yena kufanele abhale igama elivele kuqala endabeni

kunelinye. Noma ngabe usuthi ababhale imisho kumele uthi ababhale imisho

ngamagama anale misindo enjengoba elandelana endabeni, ngamanye amazwi

aqale ngalo ukulizwa. Ngaleyo ndlela kuzobonakala ukuthi ufunde ngempela.

174

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!