26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ongumhlanganyeli wocwaningo bavumelane ngezinto ezithile mayelana nokuchaza

ngesimo leso kumbe izehlakalo eziphathelene naso; ocwaningwayo akwazi ukuzichaza

(Orgill, 2002; Bernard, 1999).

UBogdan benoBiklen (1992, p.135) bachaza inhlololwazi njengengxoxo esuke ihleliwe,

imvamisa nomuntu oyedwa, nabantu ababili noma ngaphezulu, ngesizathu sokuthola

ulwazi oluthile. Kusobala ukuthi umcwaningi ubuka izinto ngehlo lalowo asuke

emcwaninga, akaqhamuki nokwakhe kumbe ezakhe izimpendulo. Ngale ndlela

umcwaningi wabe esebona ukuthi indlela yenhlololwazi yayilufanela lolu cwaningo

njengoba naye wayefuna ukuthola ulwazi kothisha mayelana nokufundiswa kokufunda

okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu, njengoba kuyibona abafundisa izingane.

3.3.1 INHLOLOLWAZI ESAKUHLELEKA (SEMI STRUCTURED INTERVIEW)

Inhlobo yenhlololwazi eyasetshenziswa kubo bonke abacwaningwayo; okungothisha

abayisishiyagalombili basezikoleni ezimbili zaseMlazi, iMbalenhle neGolide, kwaba

yinhlololwazi esakuhleleka (semi-structured interview). Inhlololwazi esakuhleleka ibuye

ibizwe ngenhlololwazi eqondisiwe (guided interview) ngoba umcwaningi ulungisa

iziqondisi zenhlololwazi (interview guides) ezinemibuzo azoyibuza (Flick, 1998).

Imigomo noma imigudu emisiwe yiyona evumela umcwaningi ukuba akwazi ukwenza

imibuzo ukuze kugqame kahle noma kubonakale okuyizona zindawo ezidingeka zibe

nezimpendulo zemibuzo yocwaningo (Flick, 1998, p.76).

Kwenziwa uhlelo lwemibuzo noma isheduli yenhlololwazi esakuhleleka (semi-structured

interview schedule) ngemibuzo okuyiyona engangizoyibuza kwabacwaningwayo. UDe

Vos nabanye (2002) bachaza isheduli yenhlololwazi njengemibuzwana esuke

ilungiselelwe ukuqondisa noma ukuhola inhlololwazi. Lokhu kwenza ukuba umcwaningi

akwazi ukulungisa imibuzo evulekile azoyibuza kulowo azothola kuye ulwazi baphinde

baxoxe ngayo (Holstein noGubrium, 1995, p.76). Lokhu ngakwenza ukuze ngiqinisekise

ukuthi ngangizoyibuza yonke imibuzo eyayidinga ukuphendulwa kulolu cwaningo.

98

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!