26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

T: Le misindo ayikhulumi-ke ngaphandle konkamisa, kakhulu ngoba engekho unkamisa.

Lokhu kusho ukuthi asifake onkamisa ukuze le misindo yethu ikhulume. Uyabafaka

onkamisa a , e ,i, o, u. bese kufundeka kanje: sha, sha, shi, sho shu.

T: Ake sibheke umsindo ka sha: wakhiwe yimiphi imisindo?

L: Umsindo wesoso(s) nomsindo wehawu(h) nomsindo ka ‘a’

T: Very good

Lapho sebewuchazile umsindo, kwabe sekulandela ukuba athi abamuphe amagama analo

msindo. Lapho bemnikeza la magama, wayewabhala phansi, emva kwalokhu bawafunde

bephindelela. Yaqhubeka kanje inkulumo-mpendulwano:

T: Ake ungiphe igama elinomsindo u sh

L: Ushukela

T: Elinye futhi

L: Shushuluza

T: Konje ukwenzenjani ukushushuluza?

L: Kusho ukushushuluza phansi

T; Yebo ushushuluze phansi mhlampe kuze kudabuke ibhulukwe. Elinye futhi

L: Umshanelo

T: Ukhona impela lo msindo ka sh, kodwa manje inkinga ukuthi sekuyimisindo emithathu

lena, okwamanje ake sinikeze igama elinemisindo emibili kuphela

L: Shosholoza

T: Elinye?

L: Ishawa

T: Very good

T: Konje yinto enjani ishawa?

L: Into enesisefo

T: Oh, yisisefo, sokuphuma amanzi, sigeza khona eshaweni

Onke amagama abafundi ababemnika wona uthisha wayewabhala ebhodini. Okwalandela

lapho uthisha wabe esecela bamuphe imisho enamagama akhiwe ngalo msindo ka ‘sh’.

Abantwana benza kanjalo. Isibonelo senkulumo-mpendulwano:

T: Ake unginike umusho wakho noma yimuphi ozoba nomsindo kashukela

L: Shwebe ushukela

T: Yini ke leyo, kusho ukuthini lokhu? Ngifuna umusho ozoba nomqondo

L2: Shesha uyothenga amaphilisi

T: Mhlampe kufanele athenge amaphilisi ngoba kwenzenjani

L: Ngoba uyagula

T: Mhlampe umama uthi shesha uyothenga amaphilisi ezinhlungu ngoba ugogo uyagula.

Uphethwe yini nje mhlampe?

217

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!