26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ngakho-ke ngenxa yokungabi naso isithombe sokuyiyona njongo yokufunda okubhaliwe,

ngisho sebethi bayazihlola izingane, abazihloli ukubheka ukuthi zithuthuke kangakanani

ekufundeni okubhaliwe, kodwa lapho behlola ukufunda okubhaliwe bahlola izingane

ngokuthi zibhale isibizelo nokubhala umusho owodwa, kwesinye isikhathi ungabi bikho

kwawona owodwa umusho, okuyinto abayenza ekupheleni kweviki. Ngamanye amazwi

ngenxa yokulahlekelwa ngokuyiyona njongo yokufunda okubhaliwe, nalapho sebezihlola

izingane, othisha bahlola izingane ukuthi ziyathuthuka ekufundeni okubhaliwe ngokuthi

zenze umsebenzi obhalwayo. Lokhu kutholakala kwabakwenzayo nasemazwini abo

bonke othisha ababeyingxenye yocwaningo ukuthi lapho behlola abafundi ukufunda

okubhaliwe kusho ukuthi kudinga babhale. Lokhu babeze bakugcizelele ngokuthi phela

ngeke unguthisha ukwazi ukubona ukuthi izingane ziyakwazi ukufunda okubhaliwe uma

zingabhali, ngakho kufanele zihlolwe ngokuthi zibhale: Isibonelo, omunye uthisha

wathi:

Baye baphendule imibuzo...mhlampe kube nesiqeshana, after June kwa

Grade 3 ziba ningi izindaba...kufanele umbuze ukuthi igama elithi i-

university liphi kule ndaba? Usezofunda-ke mhlampe uyalibona emshweni

othi uMark wayefunda eyunivesithi yase-UKZN...umbuze ukuthi igama

elithi isigcwelegcwele liphi kule ndaba. Ngalokhu sisuke sizama ukuba

encourager ukuthi bafunde emakhaya bafunde nendaba. Bese kuba

nemibuzo yale ndaba, kuye kufanele bayiphendule leyo mibuzo, bayifunde

bakwazi ukuyiphendula ngokwama group, njalonjalo. Bayaphendula babhale

phansi. Imibuzo isukela endabeni, baphendule futhi ukuthi igama elithile

liphi...

Lokhu kuyashayisana nokushiwo nguGoodman benoGoodman (2009) ababeka ukuthi:

There is no reading without comprehension...Learning to read is learning to

make sense of written language and teaching reading is supporting the

development of comprehension...Everything necessary to the development of

reading comprehension is learned in the process of using written language to

make sense...There are no skills to be learned prior to reading real

meaningful texts...Vocabulary is built in the process of reading just as oral

vocabulary is learned from oral communication....Nothing needs to be

learned prior to using meaningful authentic texts in instructionReading is

learned from whole to part and not from part to whole... (p. 92)

290

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!