26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

yini ngenxa yezilimi zabo ezingesona isiNgisi, ukuze izilimi zabansundu zibonakale

zibalulekile futhi zithandeke nakubanikazi bazo. Njengokuthi nje, isibonelo, lezi zilimi

ziyasetshenziswa yini lapho kwenziwa inhlolokhono (interview) ezikhungweni

ezehlukene ukuze umuntu akwazi ukuthola umsebenzi engaphoqekanga ukukhuluma

isiNgisi ‘njengomlungu waseNgilandi’ ukuze athole umsebenzi, abonakale

‘ehlakaniphile’ ngenxa yokuthi ukhuluma isiNgisi esicolekile.

Kanti nangale kwalokhu, ngenxa yokuthi isiZulu sibonakala siqhubeka nokonakala

ngokuba sixutshwe nesiNgisi ezikoleni nasemiphakathini, lokhu kubiza nokuthi

uhulumeni afake isandla ekusunguleni izinhlelo ezingalekelela kulokhu uHennington

(1989) akubiza ngokuthi ukungaxutshwa kolimi noma ukuhlanzwa kolimi (language

purification). Lapha kubhekelwa ulimi ukuthi luhlale lumsulwa, lunganukubezwa

ngezinye izilimi (Hennington, 1989; Kaplan & Baldauf, 1997). Lokhu yinto iJaphani

eyake yayenza ngempumelelo emva kwempi yokuqala yomhlaba. Nokho-ke lokhu

yinselelo enkulu njengoba kuphilwa esikhathini lapho abantu bezinhlanga nezilimi

ezahlukene behlala ndawonye, befunda futhi besebenza ndawonye. Lokhu kudinga

imiphakathi igqugquzelwe futhi incengwe ngokuziqhayisa ngezilimi zayo zamaNsundu,

kwenziwe izinhlelo ezizoqhakambisa ubuhle bokugcinwa kobumsulwa bolimi kanye

nokukhula kwalo. Isibonelo, kunezinhlelo emsakazweni woKhozi FM ezizamayo

ukudonsa uthando lwabalaleli abangamaZulu, nazo ezingagqugquzelwa, kuphinde kube

njalo nakumabonakude nasemphakathini uqobo ukuze ulimi luthandeke futhi lugcineke.

Kanti amaFrentshi selokhu kwathi nhlo asebenzisa yona le ndlela ukugcina ulimi lwawo

lunothile futhi luhlale lunganukubezekile (Ndimande-Hlongwa, 2009, p. 63). Lolu hlelo

lugxila ekukhuleni kolimi olukhethiwe nezichazamazwi okuhloswe ngazo ukunciphisa

izinga lamagama angawokwebolekwa noma athathelwa kwezinye izilimi, nokuvimbela

okunye okungekhona okwendabuko olimini. Ukungaxutshwa kolimi kuqondene

nokwesabela ukuthi ulimi olubukeka lungalinyazwa ulimi oludumile, olukhulunywa

ngabantu abaningi kumbe olusabalele emazweni amaningi (okungaba yisiNgisi), nokuthi

lolo limi lokubolekwa lungafiphaza indlela yokubhalwa kolimi (Alisjahbana,1984; Omar,

1987). Nokho-ke inselelo inkulu njengoba sengike ngachaza ngenhla, kanti lokho akusho

310

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!