26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ufunda umbhalo ngoba phela uma efunda, kumele akuqonde akufundayo (Fukkink,

Hulstijn & Simis, 2005; Cunningham & Stanovich, 1998; Bester, 2008; Reading

Rockets, 2009; Zimmermann & Hutchins, 2003; Smith & Elley, 1994; Block & Israel,

2005). Ngakho-ke lokhu kukhomba ukuthi uma abafundi befunda kodwa bebe

bengakuqondi abakufundayo, akusikho ukufunda lokho. Ngamanye amazwi lapho

kungekho khona ukuqondwa kombhalo, kusuke kungakafinyelelwa kokuyiyona nhloso

yokufunda okubhaliwe (Reading Rockets, 2009; Snowling & Hulme, 2007).

Ucwaningo luyakuveza ukuthi lapho izingane zifundiswa ukufunda okubhaliwe

ngokukuqonda zisencane emabangeni aphansi, kuba nemiphumela emihle (Duke &

Pearson, 2002; Stahl, 2004); futhi kuba nemiphumela emihle kakhulu uma kwenziwa

ngokuba kuphinde kuthuthukiswe nolwazi lokufunda imisindo namagama enjengoba

emile embhalweni (Block & Mangieri, 2003; Pressley et al, 2001; Taylor, Pearson, Clark,

& Walpole, 2000). Ngokwalolu cwaningo kwatholakala ukuthi othisha bagxila

engxenyeni eyodwa yokuphelele, bazibe enye ingxenye ebalulekile nayo, okwenza ukuthi

bagcine bengafinyelelanga kokuyiyona nhloso yokufunda okubhaliwe, okungukuba

abafundi baqondisise umbhalo abawufundayo.

Ngakho-ke abakwenzayo othisha kuyaphambana nokushiwo yilaba bacwaningi

abacashunwe ngenhla njengoba bengafundisi izingane ngendlela yoku thi zifinyelele

ekuqondeni umbhalo, ngesizathu sokuthi izingane zisencane ngokweminyaka, njengoba

bebeka. Lokhu kufakazela khona ukungabi nasithombe esicacile ngenhloso yokufundisa

ukufunda neyokufunda okubhaliwe. Lokhu kweya izingane ngokuba othisha bazibone

zisencane ekutheni zifundiswe ukufunda umbhalo ngokuwuqonda kuyafana nokwake

kwabikwa nguDuke benoPearson (2002, p. 247) ukuthi ngeminyaka ye-1960

kwakunenkolelo yokuthi othisha babengakufundisi ngendlela ukufunda okubhaliwe

ezinganeni. Bathi kwabamangaza ukuthola ukuthi abahlanganyeli bocwaningo babethatha

ngokuthi:

It is not possible, or at least wise to teach comprehension to young children

who are still learning to decode text.... phonics and word identification

should be the sole priority in the primary grades.

285

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!