26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

lobunjalo botho (qualitative research) luvumela umcwaningi ukuba akhethe isigaba

esisodwa noma indikimba eyodwa, ayicwaninge ajule, akhe izindikimba ngakutholile

olwazini oluqoqiwe ocwaningweni (Terreblanche et al, 2006, p. 47). Ngale kwalokhu,

ucwaningo lobunjalo botho kusemqoka ukuthi kwaziwe ukuthi lungenza lokhu

okulandelayo: lungachaza (describe), luhumushe (interpret), luqinisekise (verify), futhi

luhlole (evaluate) (Peshkin, 1993). UYin (1987, p. 82) uchaza kanje lapho echaza

ucwaningo lobunjalo botho:

Qualitative methods are particularly well suited for examining instances of

self regulated learning as events because they involve a rich, holistic

descriptions, and do not make assumptions, intra-individual stability, and are

oriented to revealing complexity.

Njengoba bese ngike ngachaza phambilini, ulwazi oludingwa yilolu cwaningo lwaqoqwa

kubahlanganyeli bocwaningo (okungothisha basezikoleni ezimbili zaseMlazi), akukho

kuqagela okwenzeka noma okwacatshangelwa njengoba kwenziwa izingxoxo nabo

kwaphinde babukelwa ngesikhathi befundisa ukufunda okubhaliwe emakilasini.

USherman benoWebb (1988) bayavumelana ngokuthi indlela yocwaningo lobunjalo

botho iyona evuma kahle ocwaningweni olufuze lolu. Bathi:

A direct concern with experience as it is “lived” or “felt” or “undergone”.

Qualitative research involves the use of qualitative data, such as interviews,

questionnaires, documents, texts, and participant observation data, to

understand and explain social phenomena. Examples of qualitative methods

include action research, case study research and ethnography. (p. 84)

Njengabanye abacwaningi, u-Eastwood (1988), yena uthi okuyilona phawu olumqoka

locwaningo lobunjalo botho ukuthi lugxile kakhulu ekuqondeni izehlakalo noma izimo

ezenzeka ngempela. Kusemqoka ukuphawula ukuthi ucwaningo lobunjalo botho

luyindlela yocwaningo lapho umcwaningi engabeki migomo ngocwaningo kodwa

okusemqoka kuyilokho okuluvo lwabahlanganyeli bocwaningo. Ngakho-ke imiphumela

yocwaningo lobunjalo botho iqondana ngqo nendawo noma nesehlakalo leso

socwaningo, ayikwazi ukwenatshiselwa kuzo zonke izindawo noma kwezinye izimo

ezingaphathelene naleso esisuke sicwaningiwe. Ngale ndlela ukwazi ulimi lwalabo

abacwaningwayo kusemqoka ocwaningweni lobunjalo botho, ukuze umcwaningi aqonde

91

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!