26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

usedlulile ebangeni lesithathu esikoleni, kumbe ahlale ekuleli zinga impilo yakhe yonke

ngoba phela abantu abafani (Tracey & Morrow, 2006, p. 85).

Ngale ndlela, izingane ezisuke sezikwazi kahle ukukhuluma nokulalela, ziyavama ukuthi

zenze kahle nalapho sekufanele zifunde okubhaliwe, kanjalo nalapho sekufanele zibhale.

Kanti ingane engakakwazi ukukhuluma nokulalela kahle, iyavama ukuthwala kanzima

lapho kufanele ifunde okubhaliwe kumbe ibhale (Tracey & Morrow, 2006; Morrow,

2005; Snow et al, 1998). UTeale benoSulzby (1986) kanye noTracey benoMorrow

(2006) bagcizelela ukuthi bonke abantwana bayedlula esikhathini la bekwazi khona

ukubona ubudlelwano phakathi kolimi olukhulunywayo kanye nolubhaliwe. Ngaleyo

ndlela ukufunda okubhaliwe nokubhala akusiyo into umuntu angathi usefike ezingeni

lapho ‘esegogodile’ kuyo engeke esaqhubeka nokufunda, kube sengathi akukho okungale

kwakho. Ngenxa yokuthi i-emergent literacy theory iqhakambisa ukuthi amakhono

abantwana okulalela, ukukhuluma, ukufunda umbhalo, nokubhala aqala kusukela ingane

izelwe, lokhu kusho ukuthi igcizelela ubumqoka bekhaya lengane ngenxa yeqhaza

elilibambile ekuthuthukiseni ingane ekutheni ikwazi ukufunda okubhaliwe kanye

nokubhala (p. 86).

2.4 IZINDLELA ZOKUFUNDISA UKUFUNDA OKUBHALIWE (READING

APPROACHES / METHODS)

Ziningi izindlela zokufundisa ukufunda okubhaliwe. Lokhu kuyenzeka kuwo onke

amazinga emfundo (emabangeni aphansi, emabangeni aphakathi nendawo, kanye

nasemabangeni aphezulu). Lezi zindlela sezake zatholwa ngabacwaningi abaningi kanye

nothisha njengeziwusizo ekufundiseni ukufunda umbhalo. Kodwa-ke iqiniso ukuthi

ukusebenziseka ngempumelelo kwanoma yiyiphi indlela yokufundisa okubhaliwe

kweyeme ekutheni oyisebenzisayo uyisebenzisa kanjani. Ngikusho lokhu ngoba

kungenzeka uthole ukuthi indlela ethathwa ngabanye njengesebenziseka ngempumelelo

futhi elusizo, kodwa uthole ukuthi omunye akakwazi ukuyisebenzisa ngendlela ukuze

imiphumela yokufundisa ukufunda okubhaliwe ibe yimpumelelo (Joubert, 2004; Joubert

et al, 2008).

68

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!