26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

lelo qoqo lamaqiniso eselike lavivinywa liphindelelwa, noma abantu abaningi

bavumelana ngalo (p. 848). Izinjulalwazi ziyizincazelo eziwumphumela wocwaningo

olunzulu futhi zeyeme ezinkolelweni ezithile kanti zisetshenziswa ngabantu abaningi.

UThomas (1996), uqinisekisa ukuthi:

Theory is an explanation of how the facts fit together. More precisely,

theorizing about a topic means the act of proposing which facts are most

important for understanding that topic and what sorts of relationships among

the facts are most significant for producing this understanding. Theory is

what makes sense out of facts, and it gives facts their meaning.

Ngale ndlela kuyacaca ukuthi injulalwazi ilekelela ekukwazini ukuchaza amaqiniso athile

ngesimo esithile njengoba phela isukela ocwaningweni.

4.3 UHLAKA LWENJULALWAZI (THEORETICAL FRAMEWORK)

Uhlaka lwenjulalwazi lungumgogodla kumbe isibuko sokubuka into ethile, noma yiso

lokubuka, noma lokuqonda into ethile; kanti futhi luyinhlanganisela yemicabango ethile

enobudlelwano njengensizakuhlaziya (theory), kodwa lona alucutshunguliwe

njengensizakuhlaziya. Uhlaka lwenjulalwazi yilona oluba ngumgogodla wocwaningo,

elulawulayo. Luchaza izinto okuyizona zizohlolwa wucwaningo nokuthi kuyohlaziywa

kanjani lokho okuyohlolwa lucwaningo, njalonjalo (Answers.com, 2009). Ngaleyo ndlela

uhlaka lwenjulalwazi lusebenza njengensizakuhlaziya esetshenziswa ukwenza

ucwaningo. Isibonelo, uhlaka lwenjulalwazi lubalulekile lapho wenza ucwaningo

ngokufunda umbhalo, nanoma yisiphi-ke nje isimo esicwaningwayo, noma ngabe

kungasizathu sini. Isizathu salokhu ukuthi abafundi bemiphumela yocwaningo bazodinga

ukwazi ukuthi obecwaninga ubesebenzisa yiphi injulalwazi.

Ngakho-ke uhlaka lwenjulalwazi kumele luveze ngokucacile kumfundi wombiko

wocwaningo ngesimo sepolitiki, senhlalo, sosikompilo kanye nomlando lapho ucwaningo

luvela khona. Lokhu kuchaza ukuthi ngisho indlela umcwaningi azohlaziya ngayo ulwazi

alutholile kufanele kucaciswe kahle. Lokhu kungenxa yokuthi abafundi bombiko

wocwaningo bazofisa ukwazi ukuthi umcwaningi wayebuka ngasiphi isibuko kumbe ihlo.

Isibonelo, umcwaningi kungenzeka ukuba ubesebenzisa indlela yokubuka yama-

115

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!