26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

phakathi neKwaZulu-Natal, esikhulunywa enyakatho neKwaZulu-Natali, iphansi nogu

laKwaZulu-Natali, i-KwaZulu-coast variety, i-Northern Swati boarder, isiZulu sase-

Eastern Cape, isiZulu sasemaThongeni, njalonjalo (SouthAfrica.info, 10 August 2009).

1.11 UKUFUNDISWA KWESIZULU NJENGOLIMI LWASEKHAYA

EZIKOLENI ZAKWAZULU-NATAL

Esifundazweni saKwaZulu-Natali, emabangeni aphansi emfundo isiZulu ulimi

lwasekhaya sisetshenziswa njengolimi lokufundisa kanye nanjengesinye sezifundo

ezifundwayo emabangeni aphansi (ibanga 1-3), ngokomthetho olawula ukusebenza

kwezilimi ezikoleni zamabanga aphansi, i-Language in Education Policy for Schools

(1997). Lokhu kwenzeka kuzo zonke izikole zabaMnyama eziKwaZulu Natali. Nezinye

izifundo kula mabanga zifundwa ngaso isiZulu. Lokhu kwaba ngenxa yocwaningo

olwaveza ukuthi ingane ifunda kangcono ngolimi lwayo lwasekhaya kunalolo

lokwethekelwa / lwesibili (Prah, 1995; Brock-Utne, 2007; Mgqwashu, 2007).

Nokho-ke ezikoleni zamabanga aphezulu ezikoleni zaKwaZulu-Natali, isiZulu

njengolimi lwasekhaya namanje sisafundiswa njengesinye sezifundo zakulawa mabanga,

hhayi njengolimi lokufunda nokufundisa. Okwamanje bekungakabi bikho sikole

esisebenzisa isiZulu njengolimi lokufunda nokufundisa ezikoleni zamabanga aphezulu.

Njengakwezinye izifundazwe, zonke izifundo okwamanje bezisafundwa ngesiNgisi,

noma ngesiBhunu kulezo zikole ezimbalwa ezikhetha ukufundisa ngesiBhunu.

Kwezinye izikole okwakungezamaNdiya nezabaMhlophe, isiZulu kuze kube manje

sifundiswa njengolimi lokwethekelwa/lokwengeza. Kanti kwezinye siyafundwa

njengolimi lwasekhaya ngabafundi okululimi lwabo lwasekhaya, kuphinde futhi kube

khona esifundwa njengolimi lokwethekelwa. Kuyenzeka kwesinye isikhathi ulimi

lwesiZulu lufundiswe nguthisha okululimi lwakhe lwasekhaya, kanti futhi kuyenzeka

kube uthisha okululimi lwakhe lokwethekelwa. Lapho isiZulu singafundiswa nguthisha

ongumZulu, kuye kungezwakali kahle kwabanye abazali, kanti kwabanye akubi nalutho.

Njengokuthi nje abanye abazali bezingane zabaMnyama ezifunda kulezi zikole

26

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!