26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Uthisha waveza ukuthi uye anike abafundi izincwadi zezindaba ezahlukene, kube

nezabafunda ngesivinini ezinye kube ngezalabo abanesivinini esincane. Ubahlukanisa

ngokwamaqembu, abafunda ngesivinini banikwe indaba eyehlukile kweyalabo abafunda

kancane. Lokhu uthisha uye akwenze ngokuthi angaze abanika incazelo yokuthi kungani

izindaba abazifundayo zingafani ngoba labo abafunda kanzima bangaphatheka kabi

ukuthi bona banikwe indaba elula ngenxa yokuthi basalele emumva ngokufunda

kunabanye; bese lokhu kuqeda ukuzethemba kanye nelukuluku lokufunda kulabo

bafundi. Lapho sebehambile abanye sekuphume isikole kumabanga aphansi, uthisha

usala nalabo abafunda kancane abalekelele. Nokho-ke nakuba uthisha uMbali echaza

kanjena, lokhu akwenzekanga ngesikhathi esefundisa ukufunda okubhaliwe umcwaningi

embuka efundisa. Ngamanye amazwi lokhu ngulwazi analo kodwa angalusebenzisi.

Uthisha uMbali waphendula kanje ngenkathi ebuzwa ukuthi uye asebenzise ziphi

izindlela ukuhlola abafundi bakhe ukufunda umbhalo:

Senza ama passages, ngesikhathi befunda-ke ubahlukanisa ngokwama levels,

kukhona asebewo fast reader laba sebazi namagama amaningi, kube khona

lo ofunda ngalinye igama, ngalinye igama kanti ne-material obenzela yona

ayifani, uye ubenzele ethe thuthu laba abafunda kangcono kuthi laba abanye

ubenzele ethe ukuba lulanyana laba abangathi basatotoba, engconywana

abazokwazi ukuyiqonda.

Umcwaningi wabuye waqhubeka wabuza ukuthi abaze bangabuza yini laba abasele

emumva ukuthi kungani bona benikwa izindaba ezingafani nezabanye. Uthisha uMbali

waphendula kanje:

No, abazi futhi phela angithi bangama-groups, abasazi isizathu. Uye usho nje

ukuthi le group izothola lesi siqephu, lena izothola lesi kanjalo kanjalo,

ubatshele ukuthi uma le group isiqede ukufunda lapha izobe isithatha indaba

eyenziwa yileli qembu, ngaleyo ndlela baye balangazelele ukuyofunda

izindaba ekade zifundwa abanye kwamanye amagroup. They want to go

there,bajahe ke ukufunda ezinye izindaba ezifundwa abanye.

Kanti uthisha uSbo waphendula ngendlela ehlukile ngoba yena wabeka kanje ngesikhathi

ebuzwa ukuthi uye asebenzise ziphi izindlela ukuhlola abafundi bakhe ukufunda

umbhalo:

179

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!