26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

efunda ngabodwana. Imvamisa bafunda kahle ngoba phela bayathanda

ukunconywa.

Le nkulumo kathisha uNtoko ifakazela khona ukuthi izingane zinikwa ithuba lokuba

zifunde njengekilasi, ngokwamaqembu, zifunde ngambili kuze kube umfundi unikwa

ithuba lokufunda ngayedwa. Lokhu kukhombisa ukuthi ingane iyalithola ithuba

lokufunda kwezinye, bese ikhombisa ikhono layo lokufunda ngesikhathi isiyodwa

ingasalekelelani namuntu. Nokho-ke othisha bagxila ekufundiseni ngemisindo,

bangasebenzisi izincwadi zezindaba nezinye izinhlobo zemibhalo, ukuze izingane

zifunde kangcono ulimi, zifunde amakhono okufunda umbhalo, zithole ulwazimagama

oluningi, njalonjalo. Lokhu njengoba bese ngike ngachaza, kwenza isivinini sabafundi

sihambe kancane ekufundeni umbhalo.

5.2.4 UKUHLOLWA KOKUFUNDA OKUBHALIWE

Othisha babala izinhlobo ezimbili zokuhlola ukufunda okubhaliwe. Ngezansi kuzoxoxwa

ngalezo zinhlobo abathi bahlola ngazo ukuthuthuka kwezingane ekufundeni okubhaliwe.

5.2.4.1 UKUFUNDA UMUSHO, ISIGABA NOMA INDABA YONKE

Kwabayisishiyagalombili othisha, uyedwa uthisha owaveza ukuthi uyaye abahlole

abantwana ngokuthi bafunde imisho enohlamvu okugxilwe kulo ngalelo sonto. Lo thisha

wabeka ukuthi kuye kwenzeke abahlole ngokuthi bafunde isigaba kumbe indaba yonke

uma ingeyinde. Lokhu kwenzeka kusukela ngosuku lwesithathu kuye kolwesihlanu. Uma

ebahlola ngokufunda indaba, uyaye akhethe indaba ebhalwe ngezinhlamvu ezinkulu futhi

ehambisana nesithombe. Wabeka ukuthi abantwana bayathanda ukufunda umbhalo

obhalwe ngokugqamile. Kungalesi sikhathi-ke lapho uthisha ebona khona abafunda

ngokuqaqeka bangangingizi, aphinde abone nalabo abanezinkinga zokufunda. Wachaza

futhi uthisha ukuthi imvamisa yabafundi abafunda ngokushesha bakwazi ukuqeda indaba

okungangesikhathi esinqunyelwe nguthisha. Abafundi abafunda kancane uthisha uye

azame ukubalekelela, ukuze bangabe sebesala kakhulu kwabanye.

178

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!