26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

uvele ukhona embhalweni (does not reside ‘ready-made in a text) kodwa kuyinto

eyenzeka lapho kuhlangana khona umfundi wombhalo kanye nombhalo awufundayo (p.

1369).

Ngale ndlela umfundi, umbhalo kanye nendawo lapho kufundelwa khona kuthathwa

njengento ehlangene, engeke yahlukaniswa. Umfundi uza nolwazi oluningi embhalweni

awufundayo. Umbhalo unezinto eziningi okudinga ukuthi umfundi azibheke, kanti

umqondo wakheka ngokuhlangana kwawo lo mbhalo nomfundi wawo uqobo endaweni

ethile ngesikhathi esithile, okuyikilasi lokufundela (Pardo, 2004, p. 272). Lokhu kuchaza

ukuthi, lapho sifunda okubhaliwe , umbhali wawo lowo mbhalo usuke engasekho;

kuphela uthumela isithunywa sakhe; okungumbhalo awubhalile. Umfundi uhlangana

nawo-ke umbhalo. Ekugcineni kokufunda, akekho noyedwa phakathi komfundi

nombhalo akade ewufunda osala elokhu enjalo engashintshanga. Ngaleyo ndlela umbhalo

usuke usuwakheke kabusha (reconstructed), wakhiwa ngumfundi ngendlela eyehlukile,

ekwenza lokhu ngokuhumusha okubhaliwe (interpretation). Umqondo lowo osuke

wakhiwe kungenzeka ungafani ngqo nalowo osuselwa embhalweni ofundiwe. Ngale

ndlela ulwazi lofundayo, luyashintsha nalo.

Ngenxa yokufunda umbhalo, kwakheka ulwazi olusha. Ulwazi olwakhekayo luhambisana

nesimo kanye nenjongo yokufunda nokukhuluma. Lokhu kuhambisana nokuthi umuntu

nomuntu unomehluko komunye. Lokhu kwenza ukuthi ngisho ulwazi analo ngento ethile

(schemata) lwehluke kwelomunye. URosenblatt (1978) ugcizelela ukuthi ukufunda

kwenzeka ngendlela ehlukile kulowo nalowo muntu ngenxa yokuthi ulwazi analo ngento

ethile (schemata) alufani nolomunye umuntu, kanti lokhu yilona phawu olugqamile

lwenjulalwazi kaRosenblatt (1978).

64

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!