26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ucwaningo luveza ukuthi abakwenzayo othisha nabakholelwa yikho lapho befundisa

kuba nomthelela kwabakwenzayo ekilasini lapho befundisa (Nkosi & Mbatha, 2009;

Pajares, 1992; William & Burden, 1997; Farrell, 2005; Lapp et al, 2005; Chou, 2008).

Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi lokhu kunomthelela ngisho nakuzo izindlela

zokufundisa lapho belekelela abafundi ukuze bathuthuke ngokwazi ukufunda

okubhaliwe.

2.9 UKUHLOLWA KOKUFUNDA OKUBHALIWE

uJoubert nabanye (2008, p. 128) babeka ukuthi lapho uthisha ehlola ukufunda

okubhaliwe, ukwenza lokhu esebenzisa izindlela zokuhlola ezihambisana nokufunda

okubhaliwe, ukuze ahlole ukuthi izindlela namasu abewasebenzisa kusebenziseke

ngempumelelo yini, nokuthi ingane ifunda ngendlela okulindeleke ukuba ifunde ngayo,

futhi iyathuthuka ekufundeni okubhaliwe. Isibonelo, lapho umntwana ehluleka ukufunda

umbhalo, kusuke kuchaza ukuthi umbhalo asuke ewufunda usuke ungaphezu kwezinga

lakhe lokufunda, kuye kufanele anikwe omunye ongaphansi ngokwezinga. Lokhu

kungenxa yokuthi umntwana nomntwana wehlukile kwabanye, kanti futhi akaqhudelani

namuntu, okusho ukuthi uthisha kumele amlekelele ekutheni aphumelele ngokwakhe,

angaqhathaniswa nabanye abafundi ekilasini (Joubert et al, 2008, p. 128).

2.9 IQOQA LESAHLUKO

Kulesi sahluko ngixoxe ngocwaningo oselwake lwenziwa mayelana nokufunda

okubhaliwe eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle. Ngixoxile nangezinjulalwazi

ezahlukene ezizama ukuchaza indaba yokufunda okubhaliwe, ngaxoxa kafushane

ngenjulalwazi esetshenzisiwe ukuhlaziya okutholakele ngenxa yokuthi kuxoxwa kabanzi

ngayo esahlukweni sesine. Ngaphandle kwalokhu, ngixoxile nangezindlela namasu

okufundisa ukufunda okubhaliwe. Ngixoxile futhi nangezinkolelo nokufundisa

okubhaliwe, ukuze kucace ukuthi izinkolelo othisha abanazo zinomthelela

kwabakwenzayo lapho befundisa. Esahlukweni esilandelayo ngizoxoxa ngezindlela

ezisetshenzisiwe ekutholeni ulwazi locwaningo

84

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!