26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

7.2.1.2 OKWAKWENZEKA ESIKOLENI IMBALENHLE

Njengoba ngichazile ngenhla, ngizoqale ngixoxe ngokwenzeka esikoleni iMbalenhle

kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu kule ndikimba. Njengoba sengike

ngachaza, ngizogxila kakhulu kokwakwenziwa nguthisha uZandile ebangeni lesithathu.

7.2.1.2.1 NGOMSOMBULUKO

Othisha bebanga lesithathu babefundisa ngendlela efanayo neyothisha bebanga lesibili.

Umehluko kwakuba ukuthi bona babegxila ekufundiseni umsindo onezinhlamvu

ezintathu, njengoba ngesonto lokubabuka befundisa babegxile emsindweni u ‘ngw’

abawubiza ngomsindo wengwenya. Njengoba bewubiza ngomsindo wengwenya nje

yingoba basebenzisa isithombe sengwenya ukwethula lo msindo. Lapho uthisha eqala

ukwethula umsindo, ubeka isithombe ebhodini esidwetshwe ngesandla, abuze abantwana

ukuthi sithombe sini abasibonayo.

Lokhu kukhombisa ukuthi othisha banalo ulwazi ngokuthi uthisha wolimi kumele enze

ubudlelwano kumakhono olimi. Isibonelo, lapho abafundi kufanele babuke isithombe,

njengaso lesi sengwenya, kumele bacabange futhi baqonde ngokwenzekayo esithombeni.

Ngesikhathi becabanga, bayakhuluma basho lokho abakubonayo nabakucabangayo.

Ngaleyo ndlela ikhono lokukhuluma liba yingxenye ekufundeni okubhaliwe. Lokhu

kuyahambisana neSitatimende Sikazwelonke Sezifundo (National Curriculum Statement)

(DoE, 2002), okuwumphumela wesifundo wesi-5: Ukucabanga nokuqonda, ngoba

njengoba basuke bebuka isithombe nje, bayacabanga, bahlaziye, baqonde

okwenzakalayo. Kodwa-ke okwangimangaza ukuthi lesi sithombe sasetshenziswa

kwaphela izinsuku ezintathu silokhu sisebhodini kuwo omabili amakilasi.

Ebangeni lesithathu othisha babengaphindaphindi ukufundisa onkamisa njengasebangeni

lesibili. Kanti nemisindo abagxila kuyo yileyo enezinhlamvu ezintathu njengoba sengike

ngachaza. Isibonelo, lapho uthisha uZandile eqalisa isifundo sakhe ngosuku

lwangoMsombuluko, waba nale nkulumo-mpendulwano nabafundi bakhe:

232

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!