26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

omunye onconyiwe nguthisha. Lokhu kwenza akulukhulisi ulwazi lwengane lolimi

lwesiZulu ngoba ingane ingakhula yazi ukuthi lapho ujabula noma uncoma kumbe

uzwakalisa injabulo ngenxa yokunconywa, kufanele ukwenze lokhu ngesiNgisi, hhayi

ngesiZulu. Okunye okwaphawulekayo ukuthi indlela abafundi ababehlala ngayo,

kwakuyindlela yamaqembu. Izihlalo zazingabhekile nje phambili kodwa zihleleke

ngokwamaqembu. Lokhu kwakuwukhuthaza umoya wokusebenza ndawonye nabanye.

Kodwa-ke phezu kwakho konke lokhu, kwaqapheleka ukuthi ukushisa emakilasini

kwakuvutha bhe, ikakhulukazi njengoba kwabe kusehlobo. Kanti amawindi amaningi

ayengavuleki ngenxa yokuthi ayefile. Ngezinsuku ezishisayo abafundi babejuluka babe

manzi ngenxa yokuthi sasingekho isipholisamoya (air-conditioner). Ngale kwalokhu,

kwakubuye kuzwakale nokushintsha komoya endlini, kuzwakale isishiphi njengoba phela

abantwana basebancane. Lokhu kwakwenza ukuphazamiseka ekilasini ngoba lapho

sekushintshe umoya, kwakuba nomsindo, abafundi bekhononda. Lokhu kuphambene

nokushiwo nguYoung (2002); noKumar (2007); kanye noJoubert nabanye (2008),

abachaza ukuthi ikilasi lapho kufundelwa khona ukufunda kumele lishaye umoya

omnandi lapho kushisa, lithokomale lapho kumakhaza, umfundi azizwe sengathi

usekhaya. Bachaza bathi lapho ikilasi lishisa kakhulu, abafundi bayozela balale futhi

nomoya awubi mnandi ekilasini.

Ngale kwalokhu, kuzo zombili izikole, kulelo nalelo kilasi ngasekhoneni emumva

nekilasi, kwakuba khona izincwadi ezindala kakhulu, eziyimfuhlalala ezibekwe nje phezu

kwedeski elilodwa noma zibe sekhabetheni elidala elingavaleki. Lezi zincwadi

zazingakhombisi ukuthi zike zifundwe ngelinye ilanga ngendlela ezazihleli ngayo.

Kanjalo nalapho umcwaningi ebukela othisha befundisa, akuzange kube khona usuku

lapho izincwadi zake zasetshenziswa khona ngabafundi noma nguthisha, kumbe babuke

nje izithombe. Lokhu akuhambisani nokushiwo nguJoubert nabanye (2008, p. 112)

ababeka ukuthi ekilasini kumele kube nekhona elinezinto zokufunda, okumele lihehe

abafundi ukuba baye kulo bazifundele noma yiyiphi incwadi, iphephandaba,

iphephabhuku, ukhaphethi wokuhlala abafundi lapho befunda ekhoneni lokufunda,

umqamelo wokuhlala, nokunye okuningi. Njengoba ngike ngachaza esahlukweni

266

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!