26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Njengamanje ukufunda okubhaliwe (learning to read) kubonakala njengento eqalayo,

ikhule, futhi eqala ngesikhathi ingane izelwe (Zimmermann & Hutchins, 2003; Block &

Israel, 2005) ngoba nanoma yini abantu abadala abayenzayo iyalekelela ekukhuliseni

ulwazi lolimi nokufunda okubhaliwe nokubhala enganeni (Strickland, 2004, p.86). Ngale

ndlela ikhaya kusobala ukuthi linomthelela omkhulu ekulekeleleni ingane ekukhuleni

kolwazi lokufunda umbhalo nokubhala. Yingakho nje abacwaningi bathola ikhaya

lomntwana njengendawo lapho ukufunda kuqala khona kahle kunokuba kungathiwa

ingane iqala ukufunda esikoleni (Machet & Pretorius, 2004; Strickland, 2004; Sugland et

al., 1995; Britto & Brooks-Gunn, 2001; Lapp & Flood, 2004; Lapp et al, 2003; Darling &

Westberg, 2004; Lapp et al., 2005).

Ngamanye amazwi, ukufunda umbhalo/okubhaliwe nokubhala kungenye yezinto

ezisemqoka ekhaya ekukhuliseni ingane, nalapho ukuphumelela kwayo esikoleni kuqala

khona (McKeough et al, 2006). Lokhu kusho ukuthi ukuqala kokukwazi ukufunda

okubhaliwe akusewona nje kuphela umsebenzi owenziwa uthisha esikoleni, kodwa

kusukela ekhaya lapho ingane izalelwa khona, iye njalo ngokukhula ifunda ukukhuluma

nokulalela kuze kufike lapho ikwazi khona ukufunda okubhaliwe nokubhala. Ngale

ndlela ukuqala kwengane ukukwazi ukufunda kuqala ekhaya njengoba abacwaningi

abaningi sebeke bakuthola lokhu (Strickland, 2004; Sugland et al., 1995; Britto &

Brooks-Gunn, 2001; Duffy, 2009; McKeough et al, 2006; Tracy & Morrow, 2006; Lapp

& Flood, 2004; Lapp et al, 2003; Darling & Westberg, 2004; Lapp et al., 2005).

ULapp nabanye (2005) bayakuqinisekisa ukuthi uthisha eyedwa akakwazi ukufundisa

ingane ukufunda umbhalo kanye nokubhala, kodwa kudingeka ukuba umzali abambe

iqhaza elibonakalayo ekulekeleleni ingane ukuba ifunde ukufunda imibhalo (p. 206).

Kanti baningi abacwaningi asebekuqinisekisile ukuthi ingane ethola usizo kumzali

ekhaya mayelana nokufunda nokubhala ayijwayele ukuba nenkinga esikoleni

nasempilweni yayo yonke yokufunda (Goodman, 1986; Morrow, 2005).

Abacwaningi abaningi abake babheka ukufunda nokubhala kanye nekhaya lomntwana

eminyakeni eyedlule babevame ukugxila olimini nakokukhulunywayo njengezinto

ezisemqoka ekuthuthukiseni nasekukhuliseni ulwazi lokufunda umbhalo nokubhala.

19

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!