26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

waphendula kanje ngenkathi ebuzwa ukuthi uyabahlola yini futhi ubahlola kanjani uma

ebahlola abafundi ukufunda umbhalo:

Sibhala isibizelo ukubheka ukuthi abakufundayo bayakwazi yini ukukubhala

njengoba ukufunda phela kuyahambisana nokubhala. Kwesinye isikhathi

ngike ngithi abangibhalele into ethile, njengokuthi nje abangenzele ikhadi

uma kukhona ozalwayo bamhalalisele. Kwesinye isikhathi ngiza nalo mina

ikhadi ngithi abalifunde. Njengezinsuku lezi ezisemqoka nje, njengosuku

lwevalentine, usuku lwamalungelo abantu, njalonjalo…ngiye ngize

nemibhalo ethile ngithi abayifunde khona ekilasini.

Uthisha uNtombifuthi wathi:

Ngeke uhlale ungabahloli,ngibahlola belikilasi,amaqembu nangabodwa.Ngibahlola

ngokubabhalisa izivivinyo,umsebenzi wasekilasini,umsebenzi wasekhaya.Kwezinye

izikhathi ngabafundela indaba bese ngibabuza imibuzo noma ngithi abeze bezongixoxela

ukuthi ibithini indaba.

Kanti uthisha uJabu wathi:

Ngiyabahlola, ngeke ngingabahloli ngoba phela kungaba lukhuni ukuba

ngisho ukuthi ubani othuthukayo noma ongathuthuki ekufundeni. Emva

kokuba sesixoxile safunda amagama nemisho baqale bafunde njengekilasi,

emva kwalokho ngibone ukuthi bayafunda impela, bese ngithi abafunde

ngokwamaqembu abo. Uma sebefundile ngokwamaqembu ngiye ngithi

abafunde ngababili. Ngesikhathi befunda ngababili ngiyabona lapho kukhona

oyedwa phakathi kwabo ongafundi. Emva kwalokho ngiye bese ngithi

abafunde ngamunye, ngibakhombe, asukume umuntu afunde eshadini noma

ebhodini...abanye bamlekelele lapho engafundi kahle noma engahambisi

kahle induku akhomba ngayo. Lokhu kusiza ekwakheni i-confidence. Kuba

nezinto ozigadayo lapho befunda, njengokusebenza kwephimbo, ukusebenza

kwezimpawu, ubuso, njll.

Lapho umcwaningi ebuza umbuzo wokulandelela kuthisha uJabu wathi: “Lokhu

okubalayo: ukufunda njengekilasi, njengeqembu, ngababili, ngayedwa, kuyini...izindlela

zokufundisa noma zokuhlola”? Impendulo yathi: “Izindlela zokuhlola. Ngeke ukwazi

ukubabona ukuthi bayakwazi ukufunda uma ungabahlolanga. Okunye futhi esibahlola

ngakho ukuthi sibone ukuthi bayakwazi ukwakha amagama”. Lezi zimpendulo zihlukene,

kanti lokhu kukhombisa ukuthi othisha abanayo impendulo eyodwa kumbe eveza ukuthi

181

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!