26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Chamot & El-dinary, 1999; Cohen 1998). Olunye ucwaningo lwalubheka amasu

okufunda okubhaliwe, kanti olunye lwalubheka ukusetshenziswa kwamasu okufunda

okubhaliwe (Sangmin, 2007; Bharuthram, 2006). UBlaine (2007) ufakaza ngokuthi uma

ukufunda kwengane esikoleni kuhamba kahle ngendlela yokuthi ingane nengane ikwazi

ukufunda okubhaliwe, ukubhala, kanye nokubala; lokhu kungaba nomphumela omuhle

kakhulu lapho ingane iqhubeka nokufunda idlulela ezikoleni zamabanga aphezulu, ngisho

nasezikhungweni zemfundo ephakeme. Kanti abanye abacwaningi babebheka okuyizona

zimbangela zabafundi abafunda kanzima (struggling readers), kanjalo nalokho

okungadala izinkinga zokufunda kubafundi abakhubazekile, abathatha kancane, kanye

nalabo abakhaliphile.

Ngeminyaka ye-1960 kuya eminyakeni ye-1980, ukufunda ngokuqondisisa

kwakufundiswa ngokuthi abafundi babuzwe imibuzo lapho sebeqedile ukufunda

umbhalo, noma banikezwe amaphepha ababezosebenzela kuwo lapho babezobhala

ngokuyiwona mqondo oqukethwe umbhalo, babheke ukulandelana kwezigameko,

balandele izimpawu, baqaphele imininingwane ethile, nobudlelwano phakathi kwesisusa

nomphumela wokuthile embhalweni lowo. Lokhu kwahamba kwahamba kwashintsha

njengoba ucwaningo lwanamuhla luyakugcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi kubhekwe

ukuthi yini nani esuke yenzekile ukuze kufikwe ekutheni ingane iqondisise umbhalo

ewufundayo. Njengoba sengike ngachaza, ukuqhamuka ngoba usuthi uhlola abafundi

ukuthi bawuqondisisile umbhalo akunamqondo ngoba lokho kusuke kusho ukuthi uthisha

usuke efuna umphumela, kodwa ebe engacabanganga ukuthi kufinyelelwe kanjani

kulowo mphumela wokufunda okubhaliwe (Cheng, 2003; Lee, 1998; Yigiter, et al 2005;

Yang, 2004; Stannovich, 2000; Pearson, 2006; Pretorius, 2000).

2.2.1 UCWANINGO OSELWENZIWE EMAZWENI ANGAPHANDLE

Ngonyaka we-1978, uDurkin wabika ngemiphumela yocwaningo lokufunda

ngokuqondisisa olwalwenziwe emakilasini asezikoleni zikahulumeni eBoston. Emva

43

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!