26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kula mazwi angenhla, kuyacaca ukuthi i-social constructivism inabo ubudlelwano

nolwazi ingane evele inalo, kumbe eza nalo lapho izofunda okubhaliwe, kanye

nosikompilo. Ezinye zezinto ayezigcizelela uVygotsky emibonweni yakhe yilokhu

akubiza nge-zone of proximal development nenkolelo yokuthi ukusebenza kwemiqondo

yethu kuncike ezintweni esizenzayo nesiphila nazo emiphakathini (Smith & Elley, 1994,

p. 82). Le-zone of proximal development ikhombisa ukuthi uma ingane ifunda,

kuhambisana nokuthi ilekelelwe ngendlela efanelekile ukuze iphumelele ekufundeni.

Ngakho-ke lokhu kuchaza ukuthi ingane uma ikwazi ukuzenzela yona imisebenzi

efundwayo ngokuzimela, ngaphandle kokulekelelwa, leyo ngane isuke isingasangeni

ngaphansi kwe-zone of proximal development. Lokhu kusho ukuthi siyafika isikhathi

lapho ingane isikwazi ukusebenza khona ngokuzimela, ingabe isadinga ukulekelelwa.

Ngamanye amazwi, zikhona izinto ezingaba yimisebenzi efundwayo, kodwa ezingebe

zisadingeka ekukhuleni kwengane, uma ngabe leyo ngane isikwazi ukuzimela,

ingasadinge lusizo ukuba ifunde ukufunda umbhalo. Ngakho-ke ngale-zone of proximal

development kunzima ukuqonda ukuthi izingane ngokwempela zithuthuka kanjani,

kusukela ebangeni lapho zicathula khona, zehluleka ukuqonda umbhalo, kuze kufike

lapho sezikwenza ngempumelelo lokhu. UVygotsky ubeka kanje:

The only good kind of instruction is that which marches ahead of

development and leads it; it must be aimed not so much at the ripe as the

ripening function...

(Vygotsky, 1978, p.104)

Yingakho-ke nje ama-social constructivists ebuka ukufunda okubhaliwe njengento

eyenzeka ngenxa yezinto umuntu azenzayo nazibonayo nahlangana nazo njalo

emphakathini. USangmin (2007) ubeka ukuthi abafundi bemibhalo basebenzisa izinto

eziningi eziphathelene nolimi namagama asolimini ukuze baqonde abakufundayo

embhalweni (p. 12). Kanjalo noYang (2004) uyavumelana nalaba babhali ngoba

uyakugcizelela ukuthi ukufunda okubhaliwe kuyinto eyakheka ngokuba umuntu abe

yingxenye yomphakathi, abuke futhi aphile nezinto azofunda ngazo. Ngale ndlela inhlalo

yabantu ineqhaza elibambile ngesikhathi ingane ifunda okubhaliwe, uhlobo lombhalo

117

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!