26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

lungathathwa njengeziqalo zocwaningo kolunye ucwaningo lwenhlalo nakuba uTellis

(1997) ethi umklamo wocwaningo kumele wenziwe ngaphambi kwesikhathi socwaningo.

Ngale kwalokhu, oCohen noManion noMorrison (2008) noRobson (2002) babeka ukuthi

ucwaningo lwesimo luvama ukusetshenziselwa ukuchaza, lunikeze incazelo mayelana

nokuthile okucwaningwayo, kunokuba lunikeze izibalo ezithile njengemiphumela

yocwaningo (p. 253). Kanjalo noBabbie (2007) naye uyavumelana nalaba bacwaningi

lapho echaza ucwaningo lwesimo. Okubalulekile ngocwaningo lwesimo ukuthi akukhona

ukuthi kuba ngumuntu oyedwa noma isikhungo esisodwa esicwaningwayo; singaba

sisodwa, zibe mbili, njalonjalo; kodwa okubalulekile ukuba okucwaningwayo kulezo

zikhungo uma ngabe kuyizikhungo, kumbe izinhlangano, kube yinto eyodwa, hhayi

izinto eziningi ezahlukene.

Kubalulekile ukuba kugcizelelwe ukuthi ucwaningo lwesimo luyakwazi ukuzakhela

ngokwalo injulalwazi/ ithiyori engasiza nabanye abacwaningi ukuqonda ngesimo

esifanayo noma ngento efanayo. Okuhle ngocwaningo lwesimo ukuthi luyakwazi

ukuveza imbangela nomphumela wento ethile, ngenxa yokuthi ocwaningayo uya khona

ngqo lapho kusuke kwenzeka khona lokho afuna ukuqonda kabanzi ngakho ayozibonela,

axoxe nabahlanganyeli bocwaningo; ngaleyo ndlela azi ukuthi abantu abathile benziwa

yini ukwenza ngendlela ethile izinto futhi kunamphumela muni lokhu abakwenzayo

(Cohen, Manion & Morrison, 2008, p. 253). Ngaphandle kwalokhu uphinde athole

nokuthi banayiphi imizwa nemicabango ngaleso simo noma ngaleyo nto; esebenzisa

ulwazi aluthatha ngqo emilonyeni yabo, ebuka nalokho abakwenzayo (p. 253). UStake

(1995) benoYin (1994) bakhipha izindlela eziyisithupha zokuthola ubufakazi

ocwaningweni lwesimo, okuyilezi:

� Izincwadi: izincwadi ezibhalelwe umuntu (letters), iziqeshana zamaphephandaba

nokunye.

� Izinhlololwazi: ezivulelekile (open- ended) nenhlololwazi ehleliwe (structured

interview).

96

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!