26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

okubhaliwe kumfundi. Okwenzeka kulezi zikole akukhombisi ukuthi othisha

bayazilekelela izingane ngezinye izingxenye zokufunda okubhaliwe ezibalulekile,

njengokufunda ngokungangingizi nokufunda ngokuqondisisa, kodwa bebe bebahlola

abantwana ukuthi bayawuqonda yini umbhalo. Kanti ukufundisa imisindo ngale ndlela

abayifunda ngayo, akukhombisi inhloso yokuba izingane zibe nothando lokufunda futhi

zifunde ngokuwuqonda umbhalo. Kunalokho izingane zenziwa ukuba zikwazi ukupela

kunokuba zifunde ngokuqondisisa futhi zithole uthando lokufunda. Lokhu akuyikhuthazi

ingane ukuba ibe nogqozi lokuzifundela ngokwayo nanoma yimuphi umbhalo

engahlangana nawo ngoba ingafikelwa ukwesaba kokuthi lowo mbhalo unemisindo

engayazi engakaze iyifunde, njengoba othisha bazifundisaimisindo namagama kakhulu,

kunokuba zifunde imibhalo enhlobonhlobo ukuze zikhuthale ekufundeni okubhaliwe

futhi zikuthande.

6.4 IQOQA LESAHLUKO

Kulesi sahluko ngivezile okwakwenzeka emakilasini esiZulu ulimi lwasekhaya lapho

kufundiswa abafundi bebanga lesibili ukufunda okubhaliwe. Ngixoxe ngokwakwenzeka

kuzo zombili izikole ezaziyingxenye yocwaningo. Njengoba ngike ngachaza ekuqaleni

kulesi sahluko, inhloso yokwenza ucwaningo kuzo zombili lezi zikole, kwabe

kungekhona ukuqhathanisa okwenzekayo kuzo lapho kufundiswa ukufunda okubhaliwe,

kodwa umcwaningi wabona isidingo sokwenza ucwaningo ezikoleni ezingafani

ngokwentuthuko, ikakhulukazi ngokwezidingongqangi. Kodwa umcwaningi wayefuna

ukuthola okwenzekayo ezikoleni lapho kufundiswa ukufunda okubhaliwe.

Okutholakele kulezi zikole zombili kuthi akufane, noma-ke kwehluka kwezinye

izindawo. Yingakho kuvezwe ngokucacile isithombe sokwenzekayo kuzo zombili lezi

zikole ngokwehlukana kule ndikimba. Esahlukweni esilandelayo kuzoxoxwa

ngokwenzekayo emakilasini lapho othisha befundisa ukufunda okubhaliwe ebangeni

lesithathu kuzo zombili lezi zikole, bese kuxoxwa nangezinye izindikimba ezitholakele

ngaphandle kwalena obekukhulunywa ngayo kulesi sahluko, kugxilwe kuwo omabili

amabanga futhi kuzo zombili izikole.

228

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!