26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

modeli iqhakambisa umfundi wombhalo. Ngamanye amazwi kule modeli, umfundi

wombhalo nguye ophethe izintambo. Lokhu kuchaza ukuthi le modeli igxila kulokho

umfundi wombhalo akwaziyo ngesikhathi ezoqala ukufunda umbhalo (Goodman, 1967;

Smith, 1971, 1982). Kanti ubuthaka bayo yindlela echaza ngayo ukufundwa kwamagama

asolimini kanye nokusetshenzisa kwawo (lexical and grammatical features) (Rumelhart,

1977). UGoodman (1967) uthi abafundi basebenzisa ama-processes ama-5 ekufundeni

okubhaliwe: recognition-initiation, prediction, confirmation, correction, and termination

(p. 16).

2.3.5 UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWE-INTERACTIVE MODEL

I-interactive model ka-Rumelhart (2004) ingenye yezinjulalwazi ezingamapsycholinguistic

theories okufunda okubhaliwe. UJoubert nabanye (2008) bathi igama

elithi ‘psycholinguistic’ igama eliqhamuka emagameni amabili, ‘psychology’ nelithi

‘linguistics’ (isayensi yolimi: language science). UFlanagan (1995) uthi i-psychology

igcizelela ukuthi izingane zikwazi ukwakha umqondo ngezinto ezizizungezile.

Ngamanye amazwi lokhu kusho izinto ezake zazibona noma ezake zezwa ngazo. Lapho

zifunda izingane, zisuke zizama ukulandela okubhaliwe ukuze zikuqonde. Lokhu kwenza

ukuthi zigxile enjulalwazini ethi izingane zisebenzisa amaphethini eziwajwayele

nokusebenza kolimi njengamathiphu ukuqagela umqondo wegama elithile ezingalazi.

Ngale ndlela ama-psychologists agcizelela ukuthi abafundi bombhalo basebenzisa ulwazi

lolimi abavele benalo kanye nokwenzeka endaweni abaphila kuyo ukwakha umqondo

walokho abakufundayo.

URumelhart (2004, p. 1149) uthi ukufunda okubhaliwe kusho ukuqonda lokho

okubhaliwe. Ngale ndlela i-interactive model igcizelela lokho okubhaliwe kanye nalokho

umfundi wombhalo eza nakho noma akuletha embhalweni lapho efunda, ukusebenzisa

kokubili, i-top down ne bottom-up (Rumelhart, 1977; Rumelhart, 2004). Lokhu kusho

khona ukuthi umfundi usebenzisa ulwazi avele enalo ukuqagela, aphinde azibuze

imibuzo ngombhalo awufundayo. Ngale ndlela umqondo yiwona obalulekile, oyisisekelo

sokufunda umbhalo. Ukufunda okubhaliwe akusiyo nje into eyenziwa yingane encane

61

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!