26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

L: Uphethwe yikhanda

T: Omunye futhi umusho

L: Umama ushiye ingane endlini

T: Konje uma ushiye ingane endlini kungaba nangozini lokho?

L: Bayathula

T: Mhlampe kungaqhamuka izigebengu ziyithathe ingane.

Ake sibheke lana ami ke amagama : shuka, shaya. Ake sakhe ngawo la magama imisho

L: Shuka ingubo iwasheke

T: Ngegama shaya?

L: Shaya ingane

Into yokugcina ngalolu suku uthisha uSbo athi izingane aziyenze kwaba ukuthi athi

azizakhele amagama okungawazo analo msindo ka ‘sh’ amabili, sabe isifundo sesiphela.

6.2.2.2 NGOLWESIBILI

Ngosuku lwesibili uthisha uSbo wakhumbuza abafundi ngezimpawu zokukhanyisa

ezinjengongqi (.), ukhefana (,), umbuzi (?), kanye nesibabazo (!). Wabatshela ukuthi lezi

zimpawu zisebenza kanjani.

T: Usazikhumbula izimpawu esesizifundile?

L: Uphawu lombuzo(?)

T: Kusho ukuthi sizohlangana nalo lolu phawu lapho sesifunda

T: Yiluphi olunye uphawu

L: Ungqi (.)

T: Lokhu kusho ukuthi ekupheleni komusho sifaka lolu phawu okusho ukuthi umusho

uphelile, uma sifunda siyaphumula kakhudlwana uma sibona lolu phawu

T: Asifundeni-ke indaba esencwadini, sifunde njengoba nganitshela

L: Isifundo seven, ikhasi lesi…(bathule...)

T: Ehhe abantu abasazi isiZulu, kuthiwa ikhasi lamashumi amabili nanhlanu

Emva kwalokhu wabanikeza incwadi efanayo yezindaba, wabatshela ukuthi bavule

kuliphi ikhasi. Bafunda-ke ebalalele, befunda njengekilasi lonke. Emva kwalokhu

wayekhomba umfundi ngamunye ukuba afunde. Emva kokuba befundile, akukho okunye

abakwenzayo ngoba isikhathi saphela besafunda ngayedwa. Lapho behluleka khona

uthisha wayebasiza, abatshele nendlela yokubiza amagama. Emva kwalokhu uthisha

wabe esebuza imibuzo esukela endabeni eyayifundiwe:

T: OK…udliwa yini uZizwe?

L: Isisu.

218

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!