26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

futhi ohlakaniphe kakhulu. Emanyuvesi baningi abafundi abakhuluma isiZulu njengolimi

lwasekhaya, kodwa uthola ukuthi esikoleni abasifundanga njengolimi lwasekhaya,

sebezosifunda enyuvesi njengolimi lwasekhaya. Lokhu kwenzeka kulabo bafundi

ababefunda ezikoleni okwakungezabaMhlophe nezamaNdiya nezamaKhaladi, lapho

isiZulu sifundwa njengolimi lokwethekelwa. Lapho sebefika enyuvesi, kuba nzima

ukufunda isiZulu njengolimi lwasekhaya.

Enyuvesi YaKwaZulu-Natali, kubafundi abaqeqeshelwa ubuthisha, kunomgomo othi

umfundi okungenani akabe naso esisodwa isifundo solimi olwengeziwe ohlwini

lwezifundo zakhe. Kubafundi isiZulu esingelona ulimi lwasekhaya, benza isiNgisi

njengolimi lwasekhaya bese benza isiZulu noma isiBhunu njengolimi lokwethekelwa

(University of KwaZulu-Natal: Faculty of Education Handbook, 2010). Kanti lokhu

kuyenzeka nakwamanye amanyuvesi, njengoba naseNyuvesi yase-Rhodes, isiXhosa

sifundwa njengolimi lwasekhaya kubafundi okululimi lwabo lwasekhaya, nanjengolimi

lokwethekelwa kubafundi okungelona ulimi lwabo (Eriksen, 2009). Kanti eNyuvesi

yaseWitwatersrand, izilimi zabamnyama ezifundwayo yisiZulu nesiSuthu, kubafundi

okuyizilimi zabo zasekhaya nalabo lezi zilimi kuyizilimi zabo zokwethekelwa

(University of Witwatrsrand, 2010).

1.5.2 UQEQESHO UTHISHA ALUTHOLA ESESEBENZA

Izikole zilawulwa nguMnyango WezeMfundo, okuyiwona onakekela ukuqeqesha

othisha ngolwazi olusha ngaso sonke isikhathi. UMnyango WeMfundo wenza

okusemandleni ukwesekela izinhlelo zokuthuthukisa othisha. Kunabeluleki bezifundo

ezahlukene abathunyelwa nguMnyango ukuba unikeze uqeqesho kothisha, njengoba

kukhona abeluleki bezilimi. NesiZulu-ke sinabo abeluleki baso abanakekela othisha

ngokubafundisa ngezinto ezithinta ukuthuthukiswa kolimi nokunye. Laba beluleki

besiZulu baye benze imihlangano nothisha, babafundise, baphinde babanakekele

nangezincwadi neminye imithombo yolwazi ezobasiza ekuzikhuliseni ngolimi

lwesiZulu. Ngaphandle kwabeluleki bolimi, izikole nazo zinamakomidi azo, asebenza

ukunakekela othisha baleso naleso sifundo. Kanjalo-ke nothisha besiZulu njengolimi

15

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!