26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

awazuzile ngokukwazi ukufunda aqonde ulimi lwakhe lwebele, lokhu kuyakwazi

ukumsiza ekutheni awasebenzise ekufundeni olunye ulimi (Asmal, 1999).

1.13 UKWESEKELA LOLU CWANINGO NGOKUPHATHELENE NEMPILO

YAMI KANYE NEZEHLAKALO ESENGAKE NGADLULA KUZO

Ngesikhathi ngisewumfundi emabangeni aphansi esikoleni ngeminyaka yowe-1980,

kwabe kunendlala yothisha ababeqeqeshiwe, amakilasi okufundela, kanye nezinto

zokufunda. Ikakhulukazi imfundo yabamnyama yabe ikhungethwe kakhulu yilezi

zinkinga engizibalayo (Mgqwashu, 2007, p. 14). Ubandlululo lwayikhahlameza kakhulu

imfundo ezikoleni zabamnyama baseNingizimu Afrika. Ngaleso sikhathi kwabe

kuyinsakavukela ukungabi khona kahle kwezimali zokuthuthukisa izikole,

izinsizakusebenza zingekho esimweni esigculisayo noma zingabi bikho kwanhlobo

kwezinye izikole, othisha abangaqeqeshiwe, nokunye okuningi. Lokhu kwaba

nomthelela ekutheni izingane eziningi zingasiqedi isikole. Labe liphezulu kakhulu

izinga lokuphuma kwezingane esikoleni. Izingane eziningi zaziphuma ngoba imali

yokufunda ingekho ekhaya, ezinye zingenabazali abazigqugquzelayo.

Abazali abaningi babekhuthaza izingane zamantombazane ukuba zigane ngoba

ukungagani komuntu wesifazane kwakubukeka njengento eyabe ilihlazo futhi nalowo

okwabe ‘sekufanele ngabe useganile’ ngokwezinga lakhe lokukhula, wayeba

nokuzenyeza, kube sengathi yingoba kukhona okungahambi kahle ngaye, noma

mhlawumbe yingoba emubi/engathandeki. Into eyayiphambili kubazali

kwakungukuthola izinkomo zamalobolo ngezingane zabo zamantombazane. Yingakho

nje kwakuthi noma umuntu omdala oyikhehla elobola ingane encane eneminyaka

eyishumi nesithupha, kuhalaliswe ekhaya kubo wentombazane ngoba kwakuzongena

izinkomo, kukhule isibaya. Ezinye zazizihlalela nje ekhaya zenze imisebenzi

yasekhaya, enjengokuluka amacansi, ziphahleke izindlu. Lezo zingane zazigcina

zikhulelwa zitholele izingane emakhaya. Zazithola izingane ngayinye, ngambili noma

ngantathu. Kwakwenzeka ezinye zizithole seziyofuna amatoho angatheni ngenxa

29

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!