26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

AMAZWI OKUBONGA

Ngifisa ukubonga kubo bonke abebebambe iqhaza elibalulekile ekwakhiweni kwalo

mkhumbi ukuze ube yimpumelelo. Kubo bonke abalandelayo ngiswele amazwi

okuzwakalisa ukubonga okujulile:

1. Kuwo wonke amalungu abeluleki be-doctoral cohort yami abalandelayo: uProf.

Renuka Vithal, uProf. Michael Samuel, uDr Murthy Maistry, uDr Alan Pillay, uDr

Nyna Amin, uDr Betty Govinden, uDr Farida Patel, noDr Busie Alant, anginawo

amazwi okuzwakalisa ukubonga ngeningenzele khona. Niyazi ukuthi ungakanani

umnikelo eniwenzile kulolu hambo lwami. Anizange nikhathale nanxa

ngibonakala ngingasenamandla, nanilokhu ningikhuthazile, ningihola, ningiqinisa

futhi ningenza ngisebenze ngokuzikhandla. Ngaphandle kwenu, akukho

obekungaphumelela. Yingakho nje namhlanje izinyembezi zenjabulo nosizi ziwa

zilandelana. Ningenze ngakwazi ukuqwala le ntaba, noma ngabe bekunjani.

Niyabazi ubunzima ebengibhekene nabo, kusukela ekuqaleni kwaze kwaba

sekugcineni. Ngiyabonga kakhulu.

2. Kubo bonke ozakwethu abebeseqenjini lami le doctoral cohort abalandelayo:

Saras, Dudley, Ted, Jaya, Vino, Vuyo and Rajen; niyawazi umnikelo wenu

eniwenzile kulo msebenzi. Niphenduke ‘abeluleki’ ngokwenu. Anithandanga

ukungishiya emuva ebumnyameni, kodwa ningibelethile saze safinyelela sonke

lapho ebesiphokophelele khona. Kunalokho nikhombise uthando, isineke,

inkuthazo kanye nokungibekezelela. Ngiyabonga kakhulu.

3. Umyeni wami, u-Eric Nkosi, ngokungeseka, angikhuthaze anginike nothando.

Ungenze ngabona ukuthi angingedwa kulo mshikashika, njengoba ubuhlale

useduze kwami noma ngabe kubiza ukuthi ngibe sesikoleni ebusuku, ngingalali,

ubuhlale unami. Ubukhona bakho kanye nokungeseka kwakho kubambe iqhaza

elikhulu kulo msebenzi. Uyazi ukuthi ngiphelele uma nginawe, ngikubona

‘hlangothi lwami olunye’. Ngiyabonga ukuba nomyeni ohlale enami njalo.

Ngibonga kakhulu ukuba ukwazi nokuqonda isimo. Ngiphinde ngibonge

nangokuthi kwawena awuhleli usonge izandla, kodwa uhamba ezinyathelweni

zami. Qhubeka!

ix

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!