26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ezinganakwa ngabazali, nakuba zazikhona ezinye ababencoma ukuthi ziyanakwa

ngabazali. Nakuba kuyinto evulelekile ukuba abazalli bafike ukuzobona imisebenzi

yezingane zabo esikoleni, kodwa bayingcosana kakhulu abazali abakwenzayo lokhu.

Ngakho-ke othisha babekhononda ngabazali abangabambisani nabo ngomsebenzi

wezingane zabo. Isibonelo, omunye umfundi wabika ukuthi abazali bayaphuza utshwala,

ngakho abanaso isikhathi sakhe sokumsiza.

Lokhu kwaveza isithombe sokuthi othisha bathwele kanzima ezikoleni ngenxa

yokungabambisani kahle nabazali bezingane abazifundisayo. Kanti kwamanye amakilasi

izingane zazifika zingawafundile amagama nemisho okwakufanele zikufunde ekhaya.

Zazibika ukuthi abazali babengenaso isikhathi. Lapho kwakulusuku lokuthi abazali beze

ukuzohlola imisebenzi yezingane, ukukhombisa ukubamba iqhaza ekufundeni

kwezingane zabo, babeba mbalwa. Lokhu kwakukhombisa khona ukungabambisani

phakathi kwesikole nekhaya lengane. Lapho uthisha ebuza izingane ekilasini ukuthi

abazali bayazithengela yini izincwadi zezindaba ekhaya noma amaphephandaba

ziyawafunda yini emakhaya. Izingane zaziveza ukuthi abazali abazithengeli kanti

namaphephandaba aziwatholi kalula njengoba engavamile ukuthengwa ekhaya.

7.2.5 UKUSETSHENZISWA KWESINGISI EKUFUNDISENI UKUFUNDA

OKUBHALIWE OLIMINI LWESIZULU

Ukusebenzisa isiNgisi lapho uthisha efundisa ukufunda umbhalo kwaba yinto

umcwaningi ayengakaze ahlangabezane nayo ngesikhathi ebuyekeza imibhalo emayelana

nokufundisa ukufunda okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu, njengoba luvele

luyingcosana ucwaningo oselwenziwe olumayelana nokufunda okubhaliwe esiZulwini.

Lokhu kwakwenzeka lapho othisha bebingelelana nabafundi, bebancoma, benikeza

imiyalelo, bechaza amanye amagama, kanye nasenkulumweni eyejwayelekile lapho

befundisa nalapho bekhuluma nezingane ngaphandle kwekilasi. Lokhu kwakwenzeka

kuwo onke amabanga, kuzo zombili izikole. Ngezansi isibonelo senkulumompendulwano

ngesikhathi uthisha encoma umfundi ngokumnikeza igama elishaya khona elalinomsindo

okwakufundwa ngawo:

268

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!