26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

izimelamsindo ezibhalwe phansi (sound recognition). Okwesihlanu akugcizelelayo

ukuthi, abantwana bayazuza futhi lapho besho imilolozelo kanye neminye imidlalo

yamagama. Okokugcina, uStreet (1997) ukholelwa ukuthi abantwana bayafunda ngokuba

yingxenye ekusebenziseni ulimi olukhulunywayo nolubhalwayo.

Ngakho-ke kulo msebenzi ngibuka ukufunda okusafufusa njengokuthuthuka kokuqonda

ngokubhaliwe nokuthuthuka kwengane ngokukwazi ukubhala nokufunda umbhalo,

okuqala ingakangeni esikoleni, nokuholela ekutheni ikwazi ukufunda okubhaliwe,

ukubhala, ukukhuluma, ukulalela, ukubuka, kanye nokucabanga.

4.9.3 UKUFUNDA OKUBHALIWE / UMBHALO (READING)

Ziningi izindlela zokuchaza ukufunda okubhaliwe / umbhalo. Lokhu kuyaye kuye

ngokuthi umuntu ukubuka ngayiphi indlela futhi esebenzisa siphi isibuko ukuchaza

ukufunda okubhaliwe (Sultana, 2003). Nakuba abacwaningi abaningi sebeke bakuchaza

ukuthi kuyini ukufunda okubhaliwe, kodwa kuze kube manje akukabi lula ukusho ukuthi

kunencazelo okuthiwa yiyona qwaba okumele ithathwe njengeyiyonayona. Ngamanye

amazwi ayikho incazelo enguthundazime kumbe engcono kunezinye. Isizathu saloku

ukuthi kuya ngakho ukuthi umcwaningi uthi echaza ukufunda okubhaliwe nje, ukubuka

ngaliphi iso, kanti futhi ukufunda okubhaliwe kwenzeka ngaphansi kwasiphi isimo

kumbe indawo (Smith, 1971, p. 176). Lapha ngingabala abacwaningi asebeke bakubheka

bakuchaza ukufunda okubhaliwe abafana no-Gee (2004), Joubert et al (2008), Pretorius

noMatchet (2004), Machet noPretorius, 2004; Duffy (2009), McKeough et al (2006),

Tracey & Morrow (2006), kanye nabanye abaningi. Ukufunda okubhaliwe akukhona nje

ukuthi wukufunda amagama noma izimpawu nezimelamsindo, noma ukuphinyiswa

kwamagama noma izinhlamvu zamagama; kodwa ukufunda okubhaliwe kusho ukuthi

ofundayo kumele afunde ngokukuqonda akufundayo.

Ngamanye amazwi ukufunda okubhaliwe kusho ukwakha umqondo mayelana nalokho

okufundwayo. Akusikhona nje ukufunda amagama njengokulandelana kwawo emshweni,

ufunde elinye emva kwelinye. Lokhu kufakazelwa nanguMnyango WeMfundo (2003)

133

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!