26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngokuqondisisa (comprehension), ukuzilungiselela kukathisha, kanye nokufundiswa

kwamasu okufunda okubhaliwe ngokuqondisisa (Report of the National Reading Panel,

2000). Lokhu kukhombisa khona ukuthi inkinga yamazinga aphansi okufunda

okubhaliwe ayigcini nje lapha eNingizimu Afrika, kodwa yinkinga ekhungethe umhlaba

wonke jikelele.

Ngonyaka wezi-2005, uCallery e-Australian Catholic University wenza ucwaningo

lwezinhlelo zokuthuthukisa amazinga okufunda umbhalo emabangeni ase-junior

secondary. Wayecwaninga ngezinto ezinomthelela ekuthuthukisweni kwamazinga

okufunda kwalabo bafundi abadonsa kanzima ekufundeni okubhaliwe kula mabanga.

Imiphumela yocwaningo yaveza ukuthi abafundi abathwele kanzima ngokufunda

okubhaliwe banezizathu ezahlukene ngokuhluleka kwabo ukufunda, kanti futhi

banezindlela zabo ezahlukile zokufunda okubhaliwe, kunalezo zabafundi abangenazo

izinkinga zokufunda okubhaliwe.

Ucwaningo olwenziwa nguBarone (2002) eNyuvesi yaseChicago, lwaluhlola ukuthi

abafundi basemakilasini amabili asenkulisa babefundiswa kanjani ulwazi lokufunda

nokubhala (literacy). Imiphumela yocwaningo yaveza ukuthi esikhathini esiningi ulwazi

lokufunda nokubhala (literacy) lwalugxile ebudlelwaneni obuphakathi kwesimelamsindo

kanye nomsindo waleso simelamsindo. Ayemancane amathuba abafundi okufunda

okunomqondo lapho befunda izincwadi. Ngenxa yalokhu, ucwaningo lwaveza isithombe

sokuthi bane kuphela abafundi abathuthuka ekufundeni okubhaliwe okusafufusa;

ngamanye amazwi abakwazi ukudlulela ebangeni lokuqala ekupheleni konyaka (Barone,

2002, p. 415). Lolu cwaningo nalo luyaveza ukuthi ikhona inkinga mayelana

nokufundiswa kokufunda okubhaliwe kothisha, okuyiyona nto lolu cwaningo oluhlose

ukuyicwaninga.

Ngonyaka wezi-2008, uZhang eSingapore wenza ucwaningo oluyi-case study lapho

ayehlola khona iqhaza lokufundiswa kolwazimagama lapho kufundiswa ukufunda

ngokuqondisisa kubafundi besiNgisi. Ucwaningo lwaveza ukuthi abafundi ababazi

amagama ayizi-2 000 kuya kwayizi-3 000, ukufunda kwabo ngokuqondisisa

48

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!