26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Esikoleni iGolide kwangimangaza ukuthi ezinye zazehluleka ukubhala imisho injengoba

ibhaliwe ebhodini. Nakhona lapha uthisha wayekwenza ekubiza ngokuthi yindlela

yokuhlola ukufunda okubhaliwe, kodwa ebe ehlola ukubhala kunokuba angathi uhlola

ukufunda okubhaliwe kwezingane.

6.3 UKUGOQA NGALE NDIKIMBA

Okwenzekayo kulezi zikole lapho othisha befundisa ukufunda okubhaliwe kuveza

isithombe sokuthi othisha bafundisa imisindo ngezindlela ezahlukene. Abanye

banamathela kuyo kakhulu, kanti abanye bafundisa izindaba, okuthi kuzo bathole

amagama nemisho ethile abazoyifundisa bayichaze, futhi bafundise izingane ukuba

zikwazi ukuwabona lawo magama nemisho. Esikoleni iMbalenhle kwabonakala ukuthi

lapho othisha befundisa imisindo, abasebenzisi izincwadi zokufunda ezinezithombe

ezinemibala, ukuheha abafundi ukuba bathande ukufunda.

Ngaphandle kwalokho, kubonakala sengathi esikoleni iMbalenhle okubalulekile ukuba

izingane zazi imisindo, zikwazi ukubhala amagama ngesipelingi esiyiso, zikwazi

ukuhlonza amagama, zithuthuke kulwazimagama ezizolusebenzisa ekubhaleni imisho.

Lokhu kungakha isithombe enganeni sokuthi ukufunda okubhaliwe kusho ukukwazi

ukubhala amagama nemisho, kunokuba kungaba ukukwazi ukufunda indaba, nanoma

yimuphi-ke omunye umbhalo ngokuwuqonda. Lokhu abakwenzayo kukodwa kungeke

kwayifinyelelisa ingane kokuyiyona njongo yokufunda okubhaliwe, ukuqondisisa

umbhalo ewufundayo.

Nakuba ngingaphawula ukuthi yize othisha begxila ekufundiseni imisindo, kodwa uma

lokhu kungenziwa ngendlela yokuthi izingane zithuthuke ngokukhula emakhonweni

okufunda okubhaliwe kungaba yinto ebalulekile. Ngale ndlela kubalulekile ukuthi

izingane zibe nezincwadi zokufunda eziningi ezisezingeni elingangazo, kodwa ehlukene

ngokwamazinga obulukhuni, njengoba abacwaningi abaningi bevumelana (Block &

Parris, 2008; Block & Israel, 2005; Pressley, 2002; Pressley & Hilden, 2004; Joubert et

al, 2008). Izindaba ezibhalwe ngesandla akulula ukuthi zidobe uthando lokufunda

227

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!