26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Le nkulumo kathisha uMbali nekathisha uSbo zigcizelela khona ukuthi umsebenzi

uhlelwa wenabe kanjani nesonto lonke, kanti futhi abakwenzayo othisha laba kuyafana

nokwenziwa ngabanye othisha kuleli banga ngoba umsebenzi bathi bawuhlela ngale

ndlela bonke. Lokhu kwenziwa ukuthi ngaphambi kokuba bayofundisa izingane, uthisha

uMbali, njengeNhloko YoMnyango yamabanga aphansi esikoleni, uhlala nabo othisha

babonisane, bavumelane ngokuzokwenziwa, nokuthi kuzokwenziwa kanjani. Ngaleyo

ndlela ekilasini lapho kufundiswa khona umsindo othile, nakwelinye elifana nalo kusuke

kufundiswa lowo msindo. Yingakho nje befundisa into efanayo othisha bonke bebanga

lesibili. Lokhu yinto eyenzeka nasebangeni lesithathu. Nakhona othisha baleli banga

bafundisa into efanayo ngesikhathi esifanayo. Kanjalo futhi nabo bayaxoxa ngomsebenzi

abazowufundisa ngaphambi kokuthi baye emakilasini.

Ebangeni lesithathu othisha abaqalisi ngonkamisa ukufundisa ukufunda okubhaliwe

njengasebangeni lesibili. Bathi baqala ngemisindo ehamba ngamibili kuye

kwenezinhlamvu ezintathu. Lokhu kungenxa yokuthi abafundi basuke sebebazi onkamisa

kusukela ebangeni lokuqala nelesibili, kodwa baqala babafundise umsindo othile

onezinhlamvu ezingongwaqa. Lowo msindo kugxilwa kuwo iviki lonke, njengasebangeni

lesibili. Uthisha uyaye athi abafundi abamuphe amagama analowo msindo awethule

ngoMsombuluko. Amagama abamnika wona uthisha uwabhala ebhodini, bese ngawo

kwenziwe imisho, uthisha agxile kakhulu ekutheni umusho ubhalwa kanjani, njengokuthi

nje abantwana kumele bazi ukuthi lapho kuqala umusho kumele kuqaliswe

ngosonhlamvukazi. Emva kwalokho uthisha uyaye abhale indaba ezofundwa ekilasini. Le

ndaba iba namagama analo msindo omusha abafundisa wona ngalelo sonto, njengoba

nakhona ebangeni lesithathu kudingidwa umsindo owodwa kusukela iviki liqala lize

liyophela. Okuqaphelekayo ngokufundiswa kokufunda okubhaliwe ebangeni lesithathu

ukuthi yimisindo, amagama, imisho, nezindaba okufundwayo. Konke lokhu kuye kugxile

emsindweni lowo osuke wethulwe ngalelo viki, ukuze abafundi baze bawejwayele

umsindo owethulwe ngoMsombuluko.

Kuye kwenzeke kodwa nakuba kungavamile, ukuba bayiqaliswe ebangeni lesibili

imisindo ehamba ngamithathu, kuye ngokwenza kwabafundi. Isibonelo, uthisha

161

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!