26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

IZINCAZELO ZAMANYE AMAGAMA ABALULEKILE KULO MBIKO

1. Ukufunda okubhaliwe noma ukufunda umbhalo (reading): Lokhu kusho

ukufunda (to read) okubhaliwe, futhi ukuqonde/ ukuqondisise okufundayo.

2. Ukufunda noma ukufunda izifundo (to learn): Lokhu kuqondise nanoma

yini umfundi angase ayifunde ebhaliwe nengabhaliwe, esikoleni noma

ekhaya.

3. Isifundo (subject / lesson): Kokubili lokhu kuchazwa yileli gama lesiZulu.

4. Ukufunda ngokuqondisisa (comprehension): Lokhu kusho ukuqondisisa

umbhalo umfundi awufundayo.

5. Ukufunda ngokungangingizi / ngokunganqikazi (fluency): Lokhu kusho

ukufunda ngendlela egelezayo, ungabali amagama, futhi ube uwuqonda

umbhalo owufundayo.

6. Isimelamsindo (phoneme): Lokhu kusho uphawu (written symbol) olumele

umsindo wolimi ozwakala ngendlebe. Njengokuthi nje u ‘k’ yisimelamsindo

ngoba umsindo obhalwe phansi obonakala ngamehlo, kanti lapho

uzwakala ngendlebe kuthiwa umsindo. Kodwa-ke kulo mqingo la magama

abuye asetshenziswe ngokulekelelana noma ukusho into eyodwa

ngesizathu sokuthi kusukela esahlukweni sesihlanu, othisha basebenzisa

igama elithi umsindo lapho bebhekise kuso isimelamsindo. Ngakho-ke

kuzokwenzeka isimelamsindo sibuye sisho wona umsindo ozwakalayo

obhalwe phansi.

7. Uhlamvu (letter): Lokhu kusetshenziswe ukuchaza nanoma yiluphi

uhlamvu olusolimini, kanti futhi kulo mqingo libuye lisho yona imisindo

xvii

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!