26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Nakuba ngokwabo beziveza izizathu zabakwenzayo, kodwa ucwaningo luphinde luveze

nalezo zizathu eziwumphumela wokuhlaziya ngosizo lwenjulalwazi esetshenzisiwe

kanhle nohlaka lwemicabango. Ulwazi locwaningo lwatholakala ngezingxoxo nokubuka

othisha befundisa, kanye nalolo olwatholakala ngokubuka okubhaliwe, njengemisebenzi

yezingane kanye nemithombo esetshenziswa ngothisha ukuzilungiselela

ngabakufundisayo. Ucwaningo luvezile ukuthi abaqondi ngokuyiyona njongo yokufunda

okubhaliwe, ukufunda umbhalo ngokuqondisisa, ngakho abakwenzayo kungenxa yaleso

sizathu. Lokhu kubonakale ngabakushoyo kanye nabakwenzayo. Okunye ukuthi

ucwaningo luveza ukuthi othisha ababengabahlanganyeli bocwaningo basebenzisa

nesiNgisi ekufundiseni isiZulu ulimi lwasekhaya. Lokhu kuveza umqondo wokuthi

isiZulu abasinambithisisi kahle, kodwa bancamela ulimi lwesiNgisi kunesiZulu. Ngale

kwalokhu, okunye ucwaningo elikuphonse esivivaneni ukuthi othisha ababeyingxenye

yocwaningo abasuki kalula ezinkolelweni abanazo mayelana nokufundisa ukufunda

okubhaliwe.

Le miphumela izokwenza ukuthi othisha bazijeqeze ngokubukeza abakwenzayo, ukuthi

abakwenzi ngenxa yezinkolelo yini noma bakwenza ngoba kufanele ukuba bakwenze.

Lokhu kungasiza nothisha wanoma isiphi isifundo ukuthi lapho efunda umbiko walolu

cwaningo, azihlole yena ngokwakhe (self reflection), ukuze kuthi nanxa kukhalwa

ngamazinga aphansi okufunda okubhaliwe kwezingane, unembeza wakhe ube umlahla

noma umvuna. Ngaleyo ndlela lapho umlahla, acabange ukuthi kukuphi lapho

engenzanga khona ngokwanele. Okunye ucwaningo olukuphonse esivivaneni ukuveza

ubunzima obubhekene nothisha bezikole ezaziyingxenye yocwaningo mayelana

nokwentuleka kwezinsizakufundisa. Le nselelo yabonakala kuzo zombili izikole

ezaziyingxenye yocwaningo. Ngaleyo ndlela, lokhu kungaba wusizo lapho abaphathi

bezikole kanye noMnyango wezeMfundo ungathola lo mbiko, bese kwenzeka okuthile

ukulekelela othisha ngezinsizakufundisa ezilimini zabansundu, kakhulukazi isiZulu ulimi

lwasekhaya, obekuyilona ucwaningo lugxile kulo.

304

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!