26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Inhlololwazi noma indlela yengxoxo ingasuselwa kokushiwo ngabacwaningwayo lapho

ephendula umbuzo umcwaningi ambuze wona ovulekile futhi angaqala noma kuphi

ukuwuphendula. Lapho ocwaningwayo ezama ukuqhubeka nokuchaza ngendlela aqonda

ngayo isimo esithile, umcwaningi kumele amvumele achaze ngendlela athanda ngayo.

Kodwa lapho incazelo yocwaningwayo ingacacile kahle, umcwaningi kumele amcele

ukuba acacise noma aqhubeke nokuchaza (Barnard et al, 1999).

Ngamanye amazwi lolu hlobo lwenhlololwazi ludinga uhlobo lwemibuzo evulelekile

(open–ended questions) ukuze umhlanganyeli wocwaningo angazitholi esephendula

ngempendulo eyigama elilodwa, bese engabe esakwazi ukusho ezinye izinto ebezingaba

lusizo kumcwaningi. Lokhu kufakazelwa nanguDe Vos nabanye (2002), ababeka ukuthi

enhlololwazini esakuhleleka, umcwaningi uyakwazi ukulandelisa ngeminye imibuzo

ezwa ethinteka ngayo noma elangazelela ukuzwa kabanzi ngayo, evela ngenkathi

bexoxisana nomhlanganyeli wocwaningo ukuze athole isithombe esiphelele ngafuna

ukukwazi.

Ngale ndlela lokhu kwenzeka ngempumelelo njengoba nganginemibuzo

engangiyilungisile eyishumi nesikhombisa evulekile, okwakudinga ukuthi

abacwaningwayo bayiphendule ngokukhululeka, kungabi yimpendulo eyigama elilodwa

kumbe baphoqeke ukuba bakhethe phakathi kwezimpendulo ezimbili. Ngamanye amazwi

impendulo ayeyinikeza umhlanganyeli wocwaningo wayekhululekile ukuyiphendula

noma ngandlelani afisa ngayo, kungekho okumphazamisayo ekuphenduleni. Inkulumo

mpendulwano engaba nayo nabacwaningwayo yayinokunikezelana okwephusile. Lokhu

kusho ukuthi mina nalowo nalowo ocwaningwayo sasikhuluma ngokukhululeka

siphendulana, kungekhona ukuthi omunye uyakhuluma omunye ulalele kuphela.

Ngangiphinde ngingenelele ngokubuza imibuzo yokulandelisa lapho ocwaningwayo

kwakudingeka acacise kabanzi ngayekusho. Kwakungekho ukuxwayana, kwakuhlekwa

lapho kufanele kuhlekwe khona.

Kubalulekile kumcwaningi ukuba angalokothi aphawule noma enze isahlulelo

ngezimpendulo azizwa ziyizo kumbe zingashayi khona. Kunalokho, umcwaningi

angakwenza ukuba amane azame ukukhombisa ilukuluku noma ugqozi lokuzwa kabanzi

99

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!