26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

siyazifaka izinyanga zonyaka zesiZulu ukuze bazijwayele.... yikho nje ukuthi

kumele untshontshe lelo gama noma lawo magama...

Njengoba uthisha uMbali wayethi usenazo izinsizakufundisa, ngalesi sikhathi kwabe

sekuyinyanga kaNcwaba, okungukuthi kwabe sekuphakathi nesigaba sesithathu sonyaka.

Nakuba echaza ukuthi wayesenazo izinsizakufundisa, kodwa izinsiza ayekhuluma ngazo

yizincwadi ezimbalwa zokufunda zezingane ezincane, okuyinto angayisebenzisanga

ngesikhathi efundisa ekilasini, kodwa ayisho ngomlomo. Okwakusemakilasini

kwakungamashadi athengwayo ayesezindongeni anemibhalo yesiNgisi echaza izithombe.

Kulolo hlobo lwamashadi othisha babengenawo abhalwe ngesiZulu. Isizathu salokhu

kwaba ukuthi ayengekho amashadi ayebhalwe ngesiZulu esikoleni sonke jikelele. Nawo

lawo ayekhona amaningi babewazuze kuMnyango WezeMfundo ngokomkhankaso we-

Foundations For Learning. Le Foundations For Learning ngike ngachaza ngayo

esahlukweni sokuqala. Into eyinkinga ukuthi nakuba lolu hlelo luhlose ukwelekelela

othisha ngokufundisa ukufunda nokubhala kanye nokunye, kodwa izinsiza zitholakala

ngolimi lwesiNgisi. Izinsiza zeFoundations for Learning nakuba ngesikhathi sokuqoqwa

kolwazi zazibhalwe ngesiNgisi, kodwa ulwazi olukuzo othisha babengalusebenzisa

ekufundiseni isiZulu. Ngikusho lokhu ngoba akusikho ukuthi othisha kabakwazi

ukufunda isiNgisi. Uma okuqukethwe kule mithombo yeFoundations for Learning

kulusizo olimini lwesiNgisi, kungaba wusizo nakhona esiZulwini.

Ngesikhathi umcwaningi esaqoqa ulwazi locwaningo kwakungakabi khona lutho lwalolu

hlelo olutholakala ngolimi lwesiZulu. Lokhu kuveza inselelo kothisha besiZulu kulezi

zikole ababhekene nayo ngokushoda kwezinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe

ezitholakala ngolimi lwesiZulu. Lokhu bakhononda nangakho othisha ngesikhathi

sezingxoxo nomcwaningi, bebeka ukuthi kubanika inkinga ukungatholakali kwezinsiza

zesiZulu ngoba abanaso isiqiniseko sokuthi lapho behumusha bakwenza ngendlela eyiyo

yini. Lokhu babekusho ngoba bengazethembi ngamakhono okuhumusha okususelwa

kolunye ulimi.

Lokhu kuyahambisana nanendikimba ethi bayazenyeza ngolimi lwabo bancamele

isiNgisi, osekuxoxiwe ngayo ngenhla. umqondo wokuthi othisha bakwenza lokhu ukuze

300

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!