26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ukuze ucwaningo lungabe selusabalala kungekho lapho lugxila khona, okuyinto

engaphazamisa imiphumela lapho sekuhlaziywa okutholakele, kufanele kube khona

imibuzongqangi okuyiyona ezoluhola futhi ibe ngumgogodla wocwaningo. Le mibuzo

emithathu elandelayo yiyona ephendulwa yilolu cwaningo:

1. Othisha bamabanga aphansi bathini ngokufundisa ukufunda okubhaliwe

emabangeni aphansi esiZulu ulimi lwasekhaya?

2. Othisha bakufundisa kanjani ukufunda okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu

kubafundi bamabanga aphansi?

3. Kungani othisha bamabanga aphansi befundisa ukufunda okubhaliwe ngendlela

abakwenza ngayo olimini lwasekhaya lwesiZulu?

1.16 UKUMA KWEZAHLUKO

� Isahluko sokuqala siyisendlalelo socwaningo. Lapha kuvezwa okuyizona zizathu

eziholele ekwenzeni lolu cwaningo, kuphinde kuvezwe nemibuzongqangi

okuyiyona izophendulwa yilolu cwaningo.

� Isahluko sesibili sidingida ukubuyekezwa kwemibhalo emayelana nokufunda

okubhaliwe/umbhalo; izinjulalwazi zokufunda okubhaliwe; izindlela namasu

okufundisa okubhaliwe, nokunye. Imibhalo ebukezwayo ihlanganisa eyasekhaya

eNingizimu Afrika, eyakwamanye amazwe ase-Afrika, kanye neyaphesheya

kwezilwandle.

� Isahluko sesithathu sidingida umklamo kanye nezindlela zocwaningo. Kuyavela

ukuthi lolu cwaningo liwucwaningo lobunjalo besimo (qualitative case study),

ngaphansi kwepharadaymu i-constructivist, izindlela zokuqoqa ulwazi ezifana

nezingxoxo, ukubuka othisha befundisa, ukuhlaziya imibhalo, njalonjalo.

� Isahluko sesine sidingida uhlaka lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango

yocwaningo. Kuzodingidwa ngensizakuhlaziya esetshenzisiwe i-social

constructivist kaVygotsky (1978), kanye nohlaka lwemicabango enjengokufunda

okubhaliwe (reading), ulwazi lokufunda nokubhala (literacy), njalonjalo.

37

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!