26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngokuzokwenzeka embhalweni, zisebenzise ulwazi ezivele zinalo kumbe eziluthola

emphakathini nasekhaya mayelana nokusembhalweni, njengoba ukufundisa kwabo

kwabe kugxile emisindweni nasekwakhiweni kwamagama nemisho. Kanti nalabo

ababeyisebenzisa imibhalo eyizincwadi zezindaba, ukwenza kwabo kwakungakhuthazi

uthando lokuba izingane zifunde okubhaliwe, futhi zithuthuke ekufundeni okubhaliwe.

Lokhu kuxoxiwe ngakho kabanzi kusukela esahlukweni sesihlanu kuze kube

kwesesishiyagalombili, lapho umcwaningi ebeveza aphinde ahlaziye akutholile.

Nakuba ucwaningo lunabo ubuhle eligabisa ngabo, kodwa nezingqinamba zibe khona.

Ziningi izinto ezingacwaningwa nokusondelene nokufunda okubhaliwe, kepha kulolu

cwaningo umcwaningi unqume ukubheka uhlangothi olulodwa, ukufundiswa kokufunda

okubhaliwe. Lokhu kungenxa yokuthi umcwaningi ubengahlosile ukusabalala nakho

konke okusondelene nokufunda okubhaliwe, kodwa ukugxila kokukodwa, ukuze

akucubungule, athole amaqiniso ajulile ngakho. Njengokuthi nje umcwaningi

ubengabheka akhethe ubudlelwano obukhona phakathi kokufunda okubhaliwe nokubhala

(reading and writing connections), ubudlelwano obuphakathi kokufunda okubhaliwe

nokwenza komfundi esikoleni (reading and academic performance).

Okunye bekungaba ukuthi umcwaningi akhethe ukucubungula elinye lamakhono

okufunda okubhaliwe abalulekile ekufundeni umbhalo (njengolwazi lwezimelamsindo,

ukufunda ngokungangingizi, ulwazi lokubona amagama, izincazelo zamagama,

ukuqondisisa). Kodwa umcwaningi ubeqonda ukuthi yilelo nalelo lala makhono

abalulekile ekufundeni okubhaliwe enganeni engumfundi osafufusa. Ngakho-ke

umcwaningi ukubone kubalulekile ukuthi agxile kokuphelele kunokuba agxile

engxenyeni eyodwa kumbe ezimbili zala makhono, ngoba wonke abalulekile. Ngale

kwalokhu, umcwaningi ubegxile emabangeni aphansi kuphela (ibanga lesibili

nelesithathu), kodwa akacwaninganga ngawo onke amabanga asesikoleni. Isizathu

salokhu ukuthi ukufunda okubhaliwe komfundi osafufusa kungeke kwaqhathaniswa

nokomfundi osekhulile, njengomfundi webanga leshumi nanye noma weshumi nambili.

Lapha yingoba umfundi osemabangeni aphansi usuke esacathula, kanti osekhulile

kulindeleke ukuba usesezingeni elithile lokufunda okubhaliwe.

306

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!