26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

5.2.7 UKUBAMBISANA KOMZALI NOTHISHA

Ulwazi olutholakele luveza ukuthi lapho uthisha efundisa ingane ukufunda okubhaliwe,

ulekelelwa umzali ekhaya ngokuthi abambe iqhaza ukuba ithuthuke ekufundeni

umbhalo. Othisha bayaphawula ngokuthi bathwala kanzima lapho umzali engalibambile

iqhaza lakhe njengomzali ekulekeleleni ingane, okuba nomthelela ekutheni ingane

ithwale kanzima ekuthuthukeni kokufunda okubhaliwe, futhi ukufunda kwayo kuhambe

kancane. Bayancoma ukuthi izingane ezilekelelwa abazali ekhaya, zibamba kangcono

kunezingane ezingasizwa ngabazali. Isibonelo, uthisha uMbali uchaza kanje:

…Okunye esiye sikwenze ukuthi njalo ngoMsombuluko sibanika i-homework

yamagama ahambisana nendatshana mhlawumbe. Lowo msebenzi sibanikela

ukuthi baye nawo ekhaya bayowufunda belekelelwa abazali, ukuze kuthi

ngoLwesihlanu lapho sesibhala isipelingi nendatshana uma ikhona, uthole

ukuthi bangcono kakhulu. Kuyasiza kakhulu ukuthi abazali balekelele

abantwana ngoba wena thisha udinga ukubambisana nomzali ngengane ukuze

ukufunda kuhambe kahle. Ngaleyo ndlela ingane engatholi ukulekelelwa

ekhaya ayivami ukwenza kahle, kodwa ithwalisana kanzima ngoba kufanele

uchithe isikhathi esithe xaxa nayo ukuze nayo ingasaleli kwabanye.

Le nkulumo engenhla iyakhombisa ukuthi othisha bayaqonda ukuthi ukuze ukufunda

kwengane kube yimpumelelo, umzali kumele abe yingxenye yakho. Lokhu kugcizelela

khona ukuthi ukufunda kwengane kudinga yona ingane, umzali wayo kanye nothisha

bakhe unxathathu ngoba ngaphandle koyedwa phakathi kwabo, kungaba nzima ukufunda

kwengane. Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sokuqala, abacwaningi abaningi

bayaligcizelela iqhaza okumele libanjwe ngumzali wengane lapho ithuthuka ekufundeni

okubhaliwe (Strickland, 2004; Sugland et al., 1995; Britto & Brooks-Gunn, 2001; Duffy,

2009; McKeough et al, 2006; Tracy & Morrow, 2006; Lapp & Flood, 2004; Lapp et al,

2003; Darling & Westberg, 2004; Lapp et al., 2005).

Njengoba ngike ngaveza ukuthi uLapp nabanye (2005) bayakuqinisekisa ukuthi uthisha

eyedwa akakwazi ukufundisa ingane ukufunda okubhaliwe kanye nokubhala, kodwa

kudingeka ukuba umzali abambe iqhaza elibonakalayo ekulekeleleni ingane ukuba

ifunde ukufunda okubhaliwe (p. 206). Kanti baningi abacwaningi asebekuqinisekisile

ukuthi ingane ethola usizo kumzali ekhaya ukuyilekelela ekufundeni nasekubhaleni

185

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!